UZOSINGATHWA okokuqala ngqa KwaZulu-Natal, lo mjikelezo wezimoto oqala ngoMsombuluko, ugqugquzela ezokuphepha emgwaqweni, iSUV Challenge.
Lo mjikelezo uqale e-Eastern Cape ngo-2018, kanti ngaphandle kokushumayela ivangeli lezokuphepha emgwaqweni uphinde ukhangise ngezokuvakasha, ukuhlala ngokubekezelelana nokuthuthukisa izindawo.
Umjikelezo uzoqala eJozini ngoMsombuluko uze uvalwe ngoMgqibelo. Umsunguli weSUV Challenge uSiyavuya Mbete, uthe lo mjikelezo ugcwele ubumnandi nokubona izindawo.
“Ngaphezu kwalokhu iKZN SUV Challenge, inikeza ithuba uhulumeni nezinkampani ezizimele ukuthi zibuyisele emphakathini owakhele izindlela esizihambayo. Ibasondeza ezindaweni ezisemakhaya eziludinga kakhulu usizo,” kusho uMbete.
Phakathi kwezindawo abazozihambela yiseKing Cetshwayo Capture Site, Isandlwana Battlefield, KwaKhangelamankengane Royal Palace, Nelson Mandela Capture Site nase-Isithumba Adventure Park.
“Enye yezinto esifuna ukuzizuza ukufundisa abantu ngomlando onothile weKZN, yingakho sivakashela izindawo ezinomlando ukuze sifundise ikakhulu abantu abasha senze isiqiniseko sokuthi awushabalali.”
Uthe bazosonga iKZN SUV Challenge ngokukhombisa ubuhle beTheku ngokuntweza ngesikebhe bese benza iphathi eMax’s Lifestyle. Kulo mjikelezo kulindeleke ukuthi kube khona osaziwayo abahlukene bakuleli okubalwa kubo uDJ Tira nabanye abaningi.