IMOTO: BAIC BEIJING X55 ELITE
KUKHETHA ukhethi kubathengi bezimoto eNingizimu Afrika njengoba zandile izinkampani abakhetha kuzo.
Muva nje, zingenisa ngamandla izinkampani zaseChina ezibukeka zibiza kangcono kunezimbangi zazo yize zifika nezinto ezifanayo kokunye ezingaphezulu.
Emigwaqweni zandile izimoto zakwaHaval kanjalo nezakwaChery. Manje ziya ngokunyuka ezakwaBaic.
Engenisayo yiBeijing X55 okuyiSUV. Kwelinye lamagaraji, ozidayiso, ungitshele ukuthi zithi zifika zibe zithathwa ngabathengi.
Izinga layo lifakazelwa nawukuqokwa kwayo njengekowamanqamu kwi-2023 South African Car of the Year okuwumcintiswano ojajwa yizintatheli zezimoto ezingaphezu kuka-20 zaseNingizimu Afrika.
Ukuthi iyaqoba yini kuzocaca ngoJuni 1, uma sekumenyezelwa.
Yize kunjalo kodwa kumele bazishaye isifuba kwaBaic ngokwenza imoto ewadonsayo amehlo ngendlela eyakhiwe ngayo. Iwadonsa kakhulu uma inemibala egqamile.
Uma ukude ungazitshela ukuthi ayikho indawo yokuphefumulisa injini ngaphambili kuhle kwezimoto zikagesi kanti akunjalo. Inama-daytime running lights ayisibaca phezulu bese kuba ngama-headlights angamaLED ngezansi.
Ezinhlangothini inamarimu anakhulu angu-19 inch. Izibambo zokuvula izicabha ziyawadonsa amehlo ngoba ungathi ngezeRange Rover.
Ingaphakathi layo lingxenye yezinto engizithandayo ngayo ngenxa yobukhulu. Lokhu kwenziwa nawukuthi i-wheelbase yayo ingu-2 735mm. Kuyenza ibe yinde kuneToyota Rav 4, VW Tiguan neHaval Jolion. ICitroen C5 Aircross yiyo engiyikhumbulayo ukuthi yinde ngoba ingu-2 730mm.
Lokhu kwenza abagibeli bahlale kahle ngaphambili nangemuva ezihlalweni eziyisikhumba.
Nezindawo zokubeka impahla zikhona yize izigubhu zamanzi ezicabheni zingangeni kahle. Ibhuthi nayo inkulu kodwa uma ingakwenelisi ikhona i-towbar yokudonsa inqola.
Ifika iphethe i-panoramic sunroof, yizindawo ezintathu zokushaja nge-USB, amawindi kagesi nokunye.
Iphinde ibe ne-touchscreen infotainment system engu-10.1 inch. Yilapho uyisetha khona ngisho nama-drive modes, ikuvezela ingemuva uma uhlehla, udlala umsakazo noma uxhume iselula ngeBluetooth. Uma ujwayele ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay noma nge-Android Auto, khohlwa ngoba akukho.
Kunalokho, ufaka i-app kwiselula bese uxhuma ikhebuli ye-USB uveze iselula injengoba injalo kwi-screen. Kuthatha isikhashana ukujwayela kodwa kuhle uma kunama-video ofuna ukuwadlala kwiselula ngoba lokho akwenzeki nge-Apple CarPlay.
Ibheda ngokuthi uma uvule inkombandlela kwiselula uyiveza kwi-screen bese ungakwazi ukudlala isiteshi somsakazo.
IBeijing X55 ihamba ngenjini engu-1.5 litre kaphethroli ene-turbo. Inamandla angu-130kW ne-torque ngu-305Nm. Ino-gearbox ozishintshayo oyi-7 speed dual-clutch.
Ihamba kahle futhi u-gearbox ushintsha kahle nawo. Noma ufuna ukudlula enye imoto amandla iwathumela ngale kwenkinga. Kumele usheshe wazi ukuthi ama-hazard ashaywa ngebhathini eliphezulu okhakhayini ukuze uma kukhona okudlulisayo ukwazi ukubonga kalula noma ufuna ukuxwayisa abanye abashayeli ngobungozi.
Amabhampu awuwazweli kakhulu ngaphakathi, kunalokho umsindo womoya nje othanda ukuba mningi.
Kuphethroli bathi idla amalitha angu-7.2 ngo-100km kodwa kimi ibidla angu-9.4l/100km.
Uma uhamba ngayo uba nokukhululeka ngokwazi ukuthi ezokuphepha ziqiniswe ngokufakwa kwama-airbag ngaphakathi, Emergency Braking Assist, ayihlehli uma isuka endaweni enyukelayo, iyasho uma umoya emasondweni wehla nokunye.
IBeijing X55 ingenye yezimoto ezifuna ukunakwa ikakhulukazi kulezi sikhathi somnotho ngenxa yentengo yayo ephansi uma uyiqhathanisa nezimbangi. Inkulu kuneVW Tiguan kodwa lena ibiza ngaphansi ngisho kweTaigo ekubeni inokuningi.
Intengo:
BAIC BEIJING X55 ELITE – R434 900
Ifika ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-60 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km nenye yenjini eyengezwe ngeminyaka emibili no-50 000km ngaphezulu.