IMOTO: VOLKSWAGEN AMAROK
I-VOLKSWAGEN Amarok entsha isijoyine ezinye izintandokazi zamaveni ngokwakhiwa kuleli ngoba ikhiqizwa eSilverton, ePitoli.
Amanye amaveni akhiwa kuleli yiFord Ranger, eyakhiwa ndawonye nayo i-Amarok, Toyota Hilux, Isuzu D-Max neNissan Navara.
Okwenza i-Amarok yakhiwe kwaFord yingoba izinkampani zisayine isivumelwano sokusebenzisana futhi zibambisene ekukhiqizeni, i-Amarok enesisekelo seRanger.
I-suspension nezinjini konke ngokwakwaFord, kwaVolkswagen baqinise ekushintsheni indlela imoto ebukeka ngayo ngaphandle nangaphakathi.
Izinjini zihlukene ngezinhlobo eziyisihlanu. Kunezine zikadizili neyodwa kaphethroli. Amandla azo aphakathi kuka-110kW no-222kW. U-gearbox uyi-10 speed automatic njengeRanger. Kukhona oshintshwayo nozishintshayo oyi-6 speed noyi-5 speed okuthiwa uzotholakala kwi-single cab.
Okwamanje akukaqinisekiswa ukuthi eNingizimu Afrika, kuzodayisa ezinaziphi izinjini ezinhlotsheni ezinhlanu zale moto. Kukhona i-Amarok, Life, Style, PanAmericana ne-Aventura. Amarimu aphakathi kuka-18 no-21 inch, kuya ngenhlobo yakho.
Abezindaba bamazwe omhlaba ahlukene batheleke eKapa, lapho bethole ithuba lokuyishayela okokuqala ngaphambi kokuthi idayise.
Ebezikhona yiPanAmericana eyakhelwe abathanda kakhulu nokuphuma bangene obhuqwini, ne-Aventura okuyiyo engumakhonya emndenini. Phambilini i-Aventura yayibizwa nge-Extreme.
Zombili zinenjini engu-3.0 litre turbodiesel V6. Ifuqa amandla angu-184kW netorque engu-600Nm bese iba nogearbox oyi-10 speed ozishintshayo.
Uzokhumbula ukuthi i-Amarok ekhona manje inamandla angu-190kW/580Nm nogearbox oyi-8 speed auto.
Ungabona ngathi amandla ehlile kanti uma usuyishayela akuzwakali konke lokho ngoba iyaphakama futhi nokudlula enye imoto kuwubala kakhulu ngoba kuba ukubeka unyawo nje bese amandla iwathumela ngokushesha. Endala kodwa ungathi yayisukuma kakhulu kodwa kwazise amandla afika ku-200kW ku-Overboost.
Uhamba uze ukhohlwe njengoba ithangi likadizili lingu-80 wamalitha.
Kungimangazile ukuzwa i-Aventura intofontofo emgwaqweni ngoba amarimu awu-21 inch kodwa akuyiphazamisi indlela ehamba ngayo.
Okunye engikuthandile ukuthula kwayo ngaphakathi nokwenza ukuhamba ngayo kube ngathi uzihambela ngeSUV. Nokuduma kwenjini kadizili kuyimbijana kakhulu. Ugearbox oyi-10 speed ushintsha kahle.
Okumnandi ukuthi yize isayi-4Motion (idonsa ngamasondo amane) uyakwazi ukuyikhetha ukuthi idonse ngamasondo angemuva kuphela noma ngawo wonke (4H/4L) uma usuthanda futhi nediff lock ikhona ukuze ugudle kahle okwadule. Igabade ilishiye ngo-237 mm .
Zonke zinamalambu angama-LED othi uma uthanda uwenze abe ngama-IQ. Ilayisha isisindo esingu-1.19kg nokudonsa esifika ku-3 500kg nokunye. Isikhenke kwi-Aventura sesinekhava evaleka ngogesi ukuvikela impahla.
Ngaphakathi ivuleke kakhulu kwiwheelbase isinyukile isingu-3 270mm. Engikuqaphelile ukuthi isiteringi sinamabhathini angempela hhayi lawa okukhalwa ngawo ezimotweni zakwaVW nabathembisa ukuwashintsha. Bayenze yahluka kuneRanger ngendlela abayakhe ngayo ngaphakathi yize uma usuqaphelisa ubona ukuthi zinobuhlobo.
Izihlalo zihlukene kukhona eziyindwangu nezifika neziyisikhumba. Uzothola nedigital cockpit netouchscreen infotainment system enkulu. Yilapho wenza khona okuningi uma uhlela imoto. Uma uthanda ufaka izipikha ezigqomayo zeHarman Kardon. Kukhona izimbobo zokushaja nge-USB ngaphambili nangemuva.
Enye izinto egabe ngayo yinqwaba yezokuphepha ezingu-25. Zihlanganisa ikhamera eveza umzimba wonke, ukuthi ihambe ngejubane olihlelile iphinde ibhreke uma kunesidingo, iyasho uma kunemoto eseceleni, iyakusiza ukupaka nokunye okuningi.
Izinhlobo nentengo yezizodayisa eNingizimu Afrika kuzomenyezelwa ekuqaleni konyaka ozayo uma isidayisa.