Kushunqe uthuli zisuka emncintiswaneni iZwartkops Top of the Hill Challenge iVW Motorsport Polo Vivo GT ilahla isinqa iphoseka obhuqwini kwelinye lamajika angasekugcineni kuka-2 000m obekushayelwa kuwo eZwartkops Raceway, ePitoli.
Umncintiswano ubuqala ukuba khona futhi kwenziwe okwehlukile ngokuthi le nkundla yezimoto zomjaho ingashayelwa ngendlela ejwayelekile kepha iphendukezelwe abashayeli bakhuphuke.
Yilapho-ke ngithe ngisayifunda kanjalo nemoto amabhreki abamba thaqa yabe isingifaka obhuqwini yabisha kwadingeka ukuthi ngidonswe ukuze ngiphume.
Ngibe sengibuza kumshayeli weVolkswagen Motorsport uJonathan Mogotsi ukuthi yikuphi okumele ngikwenze nebala wangichushisa, ikakhulu ngamabhreki. Bengiwezwa ngathi aqinile afuna nginyathele mawala.
Kuthe uma silokhu siqhubeka ukuzivivinya nokuzethemba kwaya ngokunyuka nezikhathi ziya zishesha. Usuku luqale ngiqophe u-1:24:063 kodwa ngalisonga sengishaya u-1:16:2410.
Bengazi ukuthi lokhu akwenele ngoba ozakwethu ebesincintisana nabo uBrendon Staniforth weMaroela Media noJacob Moshokoa we-cars.co.za bebengaphambili mina ngilandelwa wuRebaneilwe Semakane weReba S on Cars.
Besimenywe nabo ngabakwaVolkswagen ukuthi sibambe iqhaza kwiZwartkops Top of the Hill Challenge yokuqala. Sihlanganiswe nabashayeli abasengamathwasa abasemncintiswaneni iVW Rookie Cup nabo abahamba ngamaPolo Vivo GT. Bekumele sibumbe iqembu sibe ngababili nokuthe ekugcineni kwahlanganiswa izikhathi esiziqophile ngokwahlukana ukuze kubhekwe onqobile.
Kungokwesibili ukuthi iVW Rookie Cup ikhona nonyaka njengoba eyokuqala yanqotshwa nguKyle Visser obe esekhuphukela kwi-Astron Energy Polo Cup.
Lolu hlelo luvuleleke kubashayeli abasebancane abaphakathi kuka-14 no-16 abanamalayisense eMSA. Ukujoyina uthumela i-email [email protected]. Ifana njengebhuloho lokuwela besuka ekushayeleni ama-kart bese bengena ezimotweni ezinkulu. Kukhona uJosh Moore, Dhivyen Naidoo, Judd Bertholdt no-Uzair Khan okunguye ebesiseqenjini elilodwa naye.
Kuthe kungasa ngoMgqibelo ngaqhubeka nokuqopha izikhathi ezisheshayo. Ngomzuliswano owandulela owamanqamu ngithe ake ngizame iqhinga elisha lokubhreka sekusele kancane ngithathe ijika lesine ngoba ngikholwa wukuthi isikhathi ngisilahla khona. Kwangiphinda futhi okwangoLwesihlanu – abamba thaqa amabhreki angemuva yaphenduka yabheka lapho iqhamuka khona. Ngaleso sikhathi ibhilidi laseVolkswagen Advanced Driving lila. Izikhulu nabazoseka nabo bela bethe njo. Ngenhlanhla ngiyibambile yangaphuma emgwaqeni ngase ngibuyela ukuze iyobhekwa ukuthi ayilimalanga yini.
Kungaleso sikhathi lapho ngithe ngikhombisa abashayeli beRookie Cup bangicebisa ngokuthi angishintshe amabhreki ngiwenze abambe ngaphambili ngoba nayo imoto idonsa ngaphambili.
Ngebhadi isikhathi sokuyivivinya ukuze ngizwe ukuthi asebenza kanjani besingasekho ngoba bese kumele singene kowamanqamu. Nokho ngishaye isikhathi esisheshayo kunazo zonke engiziqophile kodwa singanele ukuthi ngibe phambi kukaBrendon noJacob. UJudd noDhivyen nabo bebephambili esigabeni sabo u-Uzair elele isithathi nokuthe uma sekuhlanganiswa izikhathi uBrendon noJudd badla umhlanganiso, uJacob noDhivyen balala isibili kwathi thina sathatha indondo yethusi.
Inhloko yeVolkswagen Motorsport uMike Rowe ijabule ngendlela impelasonto ehambe ngayo.
“UJonathan Mogotsi uqede endaweni yesikhombisa kuzo zonke izimoto kukhona nezigijima ngendlela exakile emgwaqeni yakuleli nezomjaho futhi nabashayeli beVolkswagen Rookie nozakwabo bezindaba bejabulise izinkumbi zabantu,” kusho uMike.
UJonathan, obehamba ngePolo GTI eteketiswa ngeleSupaPolo, uthe ubefuna ukuqeda engaphansi kwabashayeli abangu-10 abaphambili wagcina eqede endaweni yesikhombisa.
Uthe lokhu kuwubufakazi bokuthi iVolkswagen Motorsport SupaPolo ingenye yezimoto ezigijimayo.
Bezingaphezu kuka-40 izimoto ezibambe iqhaza kulo mncintiswano. Phakathi kwazo kubalwa iPorsche 911, Ford Cobra, Mazda MX5, Nissan GTR, Nissan Patrol nezinye.