IMOTO: VOLKSWAGEN TOUAREG
Amagaraji akwaVolkswagen Group Africa akwanezimoto ezintsha okanye ezithuthukisiwe ezidayisa khona.
Ngibala iTiguan entsha, T-Cross entsha nePolo Vivo ethuthukisiwe. Akugcini lapho, okuyiwona “last number” kumaT-SUV akhona iTouareg nawo uthuthukiswe.
Uzokhumbula ukuthi iTouareg ithuthukiswa nje, ibiqale ukudayisa kuleli ngo-2018.
Le ngqovungqovu yakhelwe phezu kwesisekelo esifanayo nese-Audi Q7, Bentley Bentayga, Lamborghini Urus nePorsche Cayenne njengoba zisemndenini owodwa.
Ithuthukiselwe ukuzoqhubeka nokubangisana neBMW X5, Volvo XC90, Audi Q7, Toyota Land Cruiser Prado okanye iLand Cruiser 300, Hyundai Palisade nezinye.
Ihlukene ngezinhlobo ezimbili okuyi-Elegance neR-Line, esihamba ngayo.
Ngaphandle bathe ukuyithintathinta ukuze ibukeke iyintsha. Izinguquko zihlanganisa ukushitshwa kwe-grille ngaphambili. Ubukhulu bayo benza uyinake uma iqhamuka.
Bayigaxe namalambu amasha angamaLED. Enza ukujabulele nokuhamba ebusuku ngoba azikhanyisa kakhulu ngisho nasemaceleni, adime emotweni oyilandelayo noma ozophambana nayo. Kusele ukuthi akwazi ukudima uma kunomuntu ohamba ngezinyawo ukuze angaxhopheki.
I-grille inolayini okhanyayo nokuyinto oyitholayo nangemuva lapho kukhanya khona nophawu lwakwaVW.
Esihamba ngayo bayifake iBlack Style package eyenza namarimu angu-21 inch abe mnyama.
Uma uvula isicabha kumnyama ikhanyisa ikuvezele uphawu lakwaVW phansi. Uma ungena ngaphakathi iwubukhosi ngoba ivulekile. izihlalo ziyisikhumba futhi ngicabanga ukuthi bekungaba mnandi uma kukhona elayisha abagibeli abayisikhombisa uma uthanda.
Nokho bonke abagibeli bahlala ngokukhululeka ngenxa yobukhulu bayo. Isikhala ebhuthini naso sikhulu singu-810 litres. Uma ulunguza ebhuthini kunenkinobho yokukhipha i-towbar bese ikwazi ukudonsa inqola enesisindo esifika ku-3 500kg.
Ingaphakathi balithuthukise ngokunyusa amandla okushaja nge-USB ukuze isheshe. Kohleli ngemuva kunanendawo yokufaka i-twin plug. Uma uyithinta uyayizwa iqinile kodwa ithambile ezindaweni okumele zithambe njengezokuphumuza ingalo.
Sengathi ngaphambi kokuthi usuke ungazijwayeza ukusebenzisa i-touchscreen infotainment system enkulu futhi egqame kamnandi. Ifaka nenhliziyo yayo ngaphakathi ngoba izinto uzenza khona njengokusetha ngisho amazinga okushisa ngaphakathi.
Uphinde uveze inkombandlela, uxhume iselula nge-Apple CarPlay nokunye.
Ne-digital instrument cluster inkulu kamnandi futhi uyakwazi nokuyishintsha ukuthi iveze okufunayo. Isiteringi sinamabhathini athambile agcina eshintshiwe kwezinye izimoto zale nkampani. Ngale kokubamba ukungcola uphinde uzwe seliciphizekile unganakile njengelokufudumeza isiteringi uzwe ngaso sesishisa.
Injini yeTouareg abayishintshanga futhi nami angisiboni isidingo ngoba ishibilika sengathi u-custard ku-jelly.
Ingu-3.0 litre V6 kadizili enamandla angu-190kW ne-torque engu-600Nm. Amandla angena kuwo wonke amasondo ngo-gearbox oyi-8 speed auto oshintsha kahle.
Emgwaqweni ifakazela isisho esithi akukho ndlovu esindwa wumboko wayo ngoba iyangena ejubaneni. Injalo nje intofontofo kwazise iphethe i-adaptive air suspension eyenza kube sengathi ubhampa esipontshini ububi bomgwaqo ubuzwe ngendaba.
Izinsiza zomshayeli enazo ngenye yezinto ezenza kube mnandi ukuyishayela. Uthi ushayela nesihlalo sibe sikuwotawota. Nokuyipaka akuyona inkinga kwazise inamakhamera asizayo.
Enye indawo enhle kuyo yindlela edla ngayo udizili. Inamandla impela futhi inkulu kodwa iyonga injalo.
Inethangi elingu-90 litres elithi uma ligcwele ikutshele ukuthi ungahamba ngaphezu kuka-1 000km.
Kwa-Volkswagen bathi idla amalitha angu-7.8 ngo-100km kodwa kimi ihambe ihleli ku-8.4l/100km nokuyinto engeyimbi.
ITouareg isembangweni oshubile kodwa inakho konke okuyenza imelane nawo.
Intengo:
Volkswagen Touareg 3.0 TDI V6 R-Line Tiptronic - R1 763 900
Ifika ne-maintenance plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km.