KUNINGI osekwenziwe ngasohlangothini lwesayensi ukuze kutholakale amasu amasha okwelapha noma okulwa nesifo sofuba, iTuberculosis (TB).
Kumanje kunezinhlelo eziwu-17 zocwaningo ezenziwayo emazweni ahlukene zokuhlolwa kwabantu. Nyakenye inhlangano yezempilo emhlabeni iWorld Health Organisation (WHO), iveze ukuthi ngenxa yocwaningo lwesayensi oluqhubekayo emhlabeni, kunamazwe anjengeSwatini, iKenya, iMozambique, iSouth Sudan, iTogo, i-Uganda, iZambia, neNingizimu Afrika akwazile ukwehlisa ukusabalala kwegciwane ngokukodwa kokuthathu ngo-2015.
Yize kunjalo, iWHO idalule nokuthi amazwe anezinsiza kudingeka ukuthi agxile ekwelapheni abantu abathathwa njengabasengcupheni yokuthola iTB, okungaba abantu abahaqwe yiHIV/Aids.
I-WHO ithe inselelo ebhekene namazwe ase-Afrika, ukuqinisekisa ukuthi iziguli ziyayiqeda imithi yazo. Ngokwejwayelekile ukwelashwa kweTB kuthatha izinyanga eziyisithupha.
“Izindlela ezintsha ezisunguliwe zakamuva ngezokuthi kube nabantu basemphakathini abahambisela iziguli imishanguzo emakhaya noma imishanguzo ithunyelwe ezikhungweni eziseduze okungaba izitolo, amahholo nokunye, ukuze abadla imishanguzo bangakhali ngokuthi imitholampilo ikude nalapho behlala khona noma ukuthi abanayo imali yokuya kuyo,” kudalula iWHO esitatimendeni.
Ngokwezibalo zakamuva zocwaningo ngesifo sofuba oluphothulwe ngo-2022, lwethulwa emphakathini nyakenye kuvela ukuthi iNingizimu Afrika inesibalo esiphezulu kakhulu sabantu abaneTB, uma iqhathaniswa namanye amazwe emhlabeni. Ngokwezibalo balinganiselwa ku-280 000 abahaqwa yisifo ngonyaka, bangu-54 000 ababulawa yiTB ngonyaka.
Isikhulu seTB HIV Care, uSolwazi Harry Hausler, uthe ukuhlolwa kwabantu ngoba benezimpawu kukodwa kungaholela ukuthi u50% weziguli ezinaleli gciwane zingahlonzwa.
“Ngokuvamile iningi labantu ababi nazo izimpawu, nokuholela ekutheni kulibaziseke ukuhlonzwa kwabo, okuholela ekutheni iTB isabalale kalula, kugule abantu abaningi. Okudala izinkinga eziningi eziholela ekufeni kwabantu abebengasinda ukube bekuhlolwa bonke abantu.
"Uhlelo olusha lokuhlolwa kwalesi sifo olwaziwa nge-Targeted Universal Testing for TB (TUTT), lungaqinisekisa ukuthi abantu abasengozini enkulu yokuthola iTB bayahlolwa ngomshini okhipha imiphumela ngokushesha i-GeneXpert ngisho bengenazo izimpawu, ” kusho uSolwazi Hausler.
Ngo-2010, iWHO yanikeza amazwe igunya lokuthi asebenzise i-GeneXpert ukuze kuhlolwe isifo.
Ngokusho kukaSolwazi uHausle, iTUTT ivumela abasebenzi bezempilo ukuthi bakwazi ukuhlolwa nabantu abangenazo izimpawu.
“I-TB HIV Care igqugquzela ukuthi kwandiswe izinhlelo zokuhlolwa kwabantu abaneHIV nabasondelene nabo. Kuphinde kube nemishanguzo ethathwa isikhathi okuyi-isoniazid ne-rifapentine ephuzwa kanye ngesonto isikhathi esiyizinyanga ezintathu,” kusho uSolwazi Hausle.