INQWABA yabantu abasuke bephuze kakhulu ngayizolo, bavuka benebhabhalazi okubenza bavuke baphinde baphuze futhi. Abanye basuke bephuza bengakaze badle lutho, okubenza ukuthi ubathole sebezidakelwe kungakakhweli nemini.
Odokotela bathi abantu abenza lokhu bafana nse nabasuke befaka uphoyizeni emizimbeni yabo. Bathi utshwala ekuseni ungakaze udle lutho, bufana nse nophoyizeni ongakubulala ukusheshise.
Ungoti wakwa-Affinity Health, uMurray Hewlett, uthe uma uphuza ungadlile, kusuke kunobungozi bokuthi utshwala buye ngqo emigudwini yegazi. Lokho kukodwa kwenza utshwala bungene ngqo egazini ngokushesha okwenza bugeleze buye nasezithweni zomzimba ezibalulekile ezifana nesibindi, izinso nokunye.
“Ukuphuza usuke wadla kwenza ukuthi utshwala bugayeke mdibi munye nokudla osuke uke wakudla. Noma udakwa kodwa uma udlile awudakwa kakhulu kanjengoba ubuzodakwa ukube uphuze ungadlanga,” kuchaza uHewlett.
Labo ngoti babala nokuthi ukujwayela ukuphuza utshwala ekuseni kungenza nokuthi ugcine usuyisidakwa esingakwazi ukuphila ngaphandle kotshwala. Bathi nokusebenza komqondo kuyaphazamiseka uma usujwayele ukuphuza zonke izinsuku. Ukukhuluphala ngokweqile, izinkinga zenhliziyo nokuphazamiseka komgudu ogaya ukudla ngezinye zezinkinga ongazithola ubhekene nazo uma uthanda lo mkhuba.
UHewlet uthe isibindi sisebenza kanzima ukuze sihlunge ubuthi egazini lomuntu, sikhiqize amaprotheni abalulekile sibuye silawule izingxenye ezehlukene zokugayeka kokudla i-metabolism.
"Isibindi sibuye sigaye utshwala. Ukuphuza ngokweqile nokwenza ekuseni, kungaholela ezifweni zesibindi okungaba isibindi esinamafutha, isifo sokusha kwesibindi, ukufa kwama-cells aso isibindi i-cirrhosis," kuchaza uHewlett.
Uthe nakho nje ukuphuza utshwala obuningi kungaphazamisa ulwelwesi lomgudu wokugaya ukudla, okuholela ekuvuvukaleni kwalo. Lokhu kungadala izimo ezifana nokukhuphuka koketshezi olumuncu okumele ngabe luhlala emgudwini wokudla lukhuphuke luze lufike esifubeni okushisa isifuba nezinye izitho zomzimba ngesikhathi lukhuphuka, i-gastritis.
Uthe uma ulwelwesi lwesisu luvuvukala kuba buhlungu esiswini, kucanuzele inhliziyo, uphalaze. Uma i-gastritis ingapheli, umuntu angaba sengcupheni yokuba nezilonda nomdlavuza wesisu.
Amanyikwe abalulekile ekusizeni ukugaya nokulawula amazinga kashukela egazini. Ukuphuza ngokweqile kungase kuvuvukalise amanyikwe, kube buhlungu isisu, ube nesicanucanu, uphalaze. Uma kwenzeka umuntu eba nenkinga yamanyikwe engalashwa, angagcina esenesifo esingelapheki samanyikwe.
Uqhube wathi ukuphuza utshwala ngokweqile kungaholela nasezinhlotsheni zomdlavuza kuzo okubalwa owomlomo, owomphimbo, owomminzo, isibindi, owamathumbu nowesitho sokulahla indle i-rectum.
"Ukuphuza ngokweqile kungakhinyabeza nomsebenzi womzimba wokumunca izakhamzimba ekudleni. Utshwala buphazamisa indlela umzimba omunca ngayo ama-vitamin nama-mineral abalulekile, okuhlanganisa u-vitamini B, C, D, calcium, ne-magnesium. Lokhu kungaholela ekushodeni kwalezi zakhamzimba okungadala izinkinga. Ukuntuleka kwe-calcium kungaholela ekuncipheni kwamathambo, uphathwe yisifo samathambo," kuchaza uHewllet.
Izindlela ongazisebenzisa ukuqeda ibhabhalazi:
– Musa ukuphuza utshwala ukukhipha ibhabhalazi, kodwa phuza amanzi kakhulu.
– Uma kubheda ngaleyo ndlela, phuza ikhofi elimnyama nakhona hhayi kakhulu, uhhafu wenkomishi encane.
– Sebenzisa imithi ezikisa i-acid esiswini ngoba utshwala bunomkhuba wokwenyusa lokhu bese isisu siba buhlungu ugajwe nayisilungulela.
– Phuza iziphuzo ezine-electrolyte nazo ziyasiza ukubuyisa amanzi emzimbeni okwenzeka uma uphuza utshwala.
– Zinike isikhathi esanele sokulala uma uphuze kwaze kwaba sebusuku noma kwaze kwasa. Ukungaphumuli kungenza ube nolaka olungenasidingo.