UMNYANGO wezeMpilo kuleli ucela abazali ukuthi bavumele izingane zamantombazane ukuthi zigomele igciwane elidala umdlavuza wesibeletho, iHuman Papilloma Virus (HPV).
Njalo ngoMashi, abahlengikazi abasebenza emnyangweni bavakashela ezikoleni zamabanga aphansi ngenhloso yokugoma abafundi bamantombazane, abaneminyaka eyisishiyagalolunye kuye kwewu-10, ukuze bavikeleke ekutheni bathole igciwane.
Iphini likaNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Sibongiseni Dhlomo, lithe umdlavuza womlomo wesibeletho ungowesibili ohlasela abantu besifazane abaningi kuleli, ulandela umdlavuza webele.
UDkt Dhlomo uthe ebantwini besifazane abangu-70% abanomdlavuza womlomo wesibeletho, kutholakala ukuthi imbangela yawo kusuke kuyiHPV. Wathi yingakho uhulumeni wathatha isinqumo sokuthi ligonyelwe igciwane.
"Kulo nyaka sigubha iminyaka eyishumi saqala ukugomela leli gciwane kuleli. I-HPV iyigciwane elitholakala ngokuya ocansini nomuntu onalo. Uma lingelashwanga liyahlala esithweni sangasese somuntu wesifazane bese kuthi ngokuhamba kweminyaka liphenduke libe umdlavuza wesibeletho. Kule minyaka eyishumi sigoma amantombazane sibone kunempumelelo enkulu yokuthi abagonyiwe ngeke besahlaselwa wumdlavuza womlomo wesibeletho odalwa yigciwane," kuchaza uDkt Dhlomo.
Uqhube wathi eminyakeni engaphambili amantombazane abegoma kabili ngoMashi, nangoSeptemba ngoba ososayensi bathi kumele intombazane ithole imijovo emibili ukuze ibe nokuvikeleka okuphelele. Wengeza ngokuthi baqale nonyaka ukuthi basebenzise umjovo owodwa womgomo ngemva kocwaningo lwakamuva luveza ukuthi umjovo owodwa unikeza ukuvikeleka okuphelele.
"Lokhu sekuzosinikeza ithuba lokuthi sikwazi ukugoma abafundi basezikoleni ezizimele, abafunda ezikoleni zabakhubazekile, nabaneminyaka engu-14 kuya kwengu-15 okungenzeka ukuthi babesilele ngemuva," kuchaza uDkt Dhlomo.
UDkt Dholomo uquhube wathi u95% wabazali wabafunda ezikoleni zikahulumeni bayavuma ukuthi izingane zabo zigome ngokuthi basayine amafomu akhishwa yizikole.
"Kuyasijabulisa lokho kodwa inhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), ithe asikakafiki ezingeni elifanele lokuthi sigome amantombazane ukuze sivikele lesi sifo kodwa siyazama ukuthi sinyuse amasokisi.
“Okunye esikukhuthazayo ukuthi abantu besifazane bajwayele ukuya emitholampilo uma kunokuthile abangakuzwa kahle. Umdlavuza wesibeletho phambilini ubuhlasela abantu besifazane asebefike esigabeni sokuthi bengasayi esikhathini kodwa manje akusenjalo nabasebancane sekuyenzeka bahlaselwe yilo mdlavuza," kusho iPhini likangqongqoshe wezempilo ezweni.
UDkt Dhlomo uqhube wathi uma owesifazane eya esikhungweni sezempilo umdlavuza ungakasabalali kakhulu, kusho ukuthi usuke esesigabeni sokuqala kuya kwesesithathu, kunamathuba amaningi okuthi elapheke kodwa uma sekungaphezulu kwalokho kuba nzima.