UKUNGALULANDELI uhlelo lokujova uma ulunywe yinja nokungayi nhlobo esikhungweni sezempilo kungaholela ekutheni olunywe yinja afe.
Isifo samarabi esingena kumuntu ngokulunywa yinja enalesi sifo sidla lubi eThekwini nasezindaweni ezigudle ugu.
UDkt Minkie Masimege owudokotela wezilwane eMnyangweni wezoLimo KwaZulu-Natal, uthe abantu abaningi bayithatha kancane indaba yamarabi. Abanye bajova kanye esikhundleni sokujova kane, abanye abayi hlobo esikhungweni sezempilo uma belunywe izinja.
" Ukujova isona sikhali sokuvimbela ukuthi igciwane elingena ngesikhathi ulunywa yinja liye ebuchosheni bese liphenduka liba amarabi. Leli gciwane lingena enxebeni ngesikhathi amathe ehlangana nalo. Lesi sifo aselapheki uma sesize sazinza egazini saba ngamarabi. Esikhungweni sezempilo bakunika imithi yezinhlungu kodwa basuke bengeke besakwelapha uma uze wafinyelela kuleso sigaba,“ kusho uDkt Masimege.
Uthe isifo samarabi isifo esidala, esingena ngaphansi kwezifo ezibizwa ngezoonotic diseases ezidluliselwa izilwane ebantwini.
" Lesi sifo selokhu sangena kuleli siningi eThekwini, ucwaningo lusitshela ukuthi izinja ziba ziningi lapho kunabantu abaningi khona. Kule minyaka embalwa edlule sesiyabona ukuthi izindawo ezifana nakuMasipala weLembe, Ugu noMgungundlovu, siyanda isibalo sezinja ezikhona," kusho uDkt Masimege.
EThekwini kunezinja ezingu-350 000. Kusukela ngoJanuwari nyakenye zingu-233 izigameko zamarabi ezibikiwe KwaZulu-Natal. Kulezi zigameko bangu-17 abantu ababulewe ilesi sifo kubo abangu-10 abaseThekwini.
Abashonile izingane ezineminyaka ephakathi kwemibili nengu-13.
Uthe izingane zijwayele ukulunywa izinja ngoba zithanda ukuzidlalisa noma ukuzichukuluza. Kuyenzeka zingasho emakhaya ukuthi zilunywe yinja ngoba zisaba ukuthi zizoshaywa ngoba kuzozwakala ukuthi izona ebezichukuluza izinja.
UDkt Masimege uthe kuyenzeka emiphakathini yabantu abamnyama amarabi aphambaniswe nobuthakathi ngoba onalesi sifo, uba nolaka enze umsindo ofana nowenja, ahayize, agxize amathe.
"Inja enamarabi ifa ngemuva kwezinsuku ezimbalwa kanti umuntu olunywe yiyo, uma engelashwanga, kuyenzeka kuze kuphele iminyaka emibili igciwane liphila kuye kodwa lingakabi amarabi. Kuya ngokuthi inja imlume kuyiphi ingxenye yomzimba nokuthi amanxeba mangaki, futhi ajule kangakanani. Uma esonyaweni noma emaqakaleni kuthatha isikhathi ukuthi igciwane lihambe lize liyofika ebuchosheni, bese liphenduka amarabi. Ngesikhathi kwenzeka lokhu abantu basuke sebekhohliwe ukuthi onezimpawu wake walunywa yinja bese becabanga ukuthi ubuthakathi," kuxwayisa uDkt Masimege.
Uthe indlela yokuzivikela kulesi sifo ukuthi abanikazi bezinja bazigomele amarabi. Uma ulunywe yinja uye emtholampilo.