KUNETHEMBA lokuthi umjovo ovikela iHIV wezinyanga eziyisithupha ungawavikela amantombazane ukuze angatheleleki ngegciwane.
Lokhu kushiwo ngusosayensi oyinhloko eDesmond Tutu HIV Center, engaphansi kweNyuvesi iCape Town, uSolwazi Linda Gail Bekker.
I-Desmond Tutu HIV Center, yisikhungo esicwaninga ikhambi okuhloswe ukuthi livikele ukutheleleka kwamantombazane ngegciwane lengculazi.
Lolu cwaningo lubheka ezinye izinsiza ezingasiza ekuvikeleni igciwane lengculazi ngaphandle kwamaphilisi aphuzwa zonke izinsuku athithibalisa iHIV, nepre-exposure prophylaxis (PrEP).
Lwenziwa ebantwini abangu-5000 okungabaseNingizimu Afrika, nabase-Uganda, ukubheka ukuthi ngabe umjovo onomshanguzo iLenacapavir, neminye emibili ungakwazi yini ukuvikela ukutheleleka kwegciwane leHIV.
USolwazi uGail Bekker, uthe ucwaningo beluneminxa emibili, owokuqala ubheke ukuthi umjovo uphephile yini, owesibili wabheka ukuthi ngabe ungawasiza yini amantombazane asemancane okusabonakala eqhubeka ehaqwa yiHIV yize zikhona izindlela zokuvikela igciwane kuleli amakhondomu, namaphilisi anjengePrep, engamaphilisi nezinye.
Kunenkolelo yokuthi amantombazane amancane adinga into azokwazi ukuyisebenzisa ngaphandle kokuthi atshele athandana nabo ngoba ayehluleka ukugcizelela ukuphepha kwathandana nabo.
"Kulolu cwaningo bekusetshenziswa amakhambi amathathu okuyi Lenacapavir, iTruvada, neDescovy. Bekusetshenziswa indlela yokuthi abayingxenye yocwaningo nabacwaningi bangabi nalo ulwazi lokuthi ngobani abajova ngamaphi amakhambi, kuze kube kufike isikhathi sokuthi kubhekwe ukuthi yiliphi ikhambi elenza kangcono. Sithole ukuthi ebantwini abangu-2, 134 abebejova ngeLenacavir akekho otheleleke ngeHIV. Kwabangu-1068 abebejova ngeTruvada abangu-16 batheleleke ngegciwane, ebantwini abangu- 2136 abebejova ngeDescovy babangu-39 batheleleke ngeHIV," kuchaza uSolwazi Gail Bekker.
Uqhube wathi ucwaningo luveze ukuthi sikhona isidingo sokuthi kube nenye indlela yokuvikela amantombazane kodwa ingasetshenziswa yodwa njengokuthi abesilisa kumele basoke futhi basebenzise ikhondomu.
Uthe ucwaningo aluphelile lusaqhubeka kodwa manje abayingxenye yalo nabacwaningi sebezokwazi ukuthi ngobani abasebenzisa maphi amakhambi. Wathi abayingxenye yocwaningo banikezwe nethuba lokuzikhethela ikhambi abafuna ukujova ngalo.
Okwamanje umjovo awukatholakali kuleli, usasetshenziselwa ukwenza ucwaningo kuphela kodwa iGilead Sciences, ithe izohlinzeka izinkampani ezikhiqiza imithi ngezimvume zokuwukhiqiza ukuze zenze imithi engama-generic engeke ibize kakhulu.