Ukuxubha kabili nsuku zonke akwanele ukuqinisekisa ukuthi amazinyo akho ahlala ehlanzekile, futhi ngeke kukusize ukugwema iphunga elibi elithaphuka emlonyeni wakho uma ukhuluma noma uzamula.
Lokhu kushiwo wudokotela wamaziyo ozimele uDkt Fanele Mthethwa weHlangalezwe Dental Care, yaseMzinyathi, eNanda enyakatho yeTheku.
UDkt Mthethwa uthe amazinyo omuntu nomuntu azalela izilwanyana ezibizwa ngama-micro-organism ezidla izinsalela zokudla okudliwa wumuntu ezigaxela emazinyweni uma uqeda ukudla.
“Kuthi noma seziphelile izinsalela zokudla, lezi zilwanyana ziqhubeke ziququde amazinyo omuntu, agcine esenezimbobo, okwenza kube lula ukungena udoti kuzona. Udoti lowo uthi ungagcwala ezimbotsheni, udale iphunga elibi elithaphuka uma umuntu esekhuluma noma ezamula.
“Enye into edala iphunga elibi emlonyeni wukungagayeki kahle kokudla esiswini, okudala ukuthi uma umuntu esekhuluma, kuthaphuke iphunga elibi ngoba umoya esiwuphefumulayo usuka phansi esiswini, uye phezulu,” kusho uDkt Mthethwa.
Eqhuba, uthe inkinga enkulu wukuthi abantu abakukhuthaleli ukuya kodokotela bamaziyo ukuhlanza amazinyo abo njalo emva kwezinyanga eziyisithupha, njengokuyalela kwabezempilo.
“Abantu abaningi bazitshela ukuthi ukuxubha kabili ngosuku kwanele ukugcina amazinyo ehlanzekile, kanti akunjalo. Kuningi okumele umuntu akuqaphele futhi akwenze ukuhlanza amazinyo akhe, futhi agweme iphunga elibi emlonyeni,” kusho yena.
Ucebise ngokuthi abantu baqale ngokudla ngaphambi kokuxubha, hhayi ukuxubha bese ugcina ngokudla.
Uthe okunye okubalulekile wukusebenzisa i-tooth floss, okuyintambo yokuvungula ukudla okusalele emazinyweni ngaphambi kokuxubha.
“Ngicebisa abantu ukusebenzisa izixubho ezibhalwe ukuthi soft noma eziwu-medium, hhayi eziwu-hard ngoba zona zilimaza amazinyo nezinsini. Kumqoka futhi nokuthi umuntu ashintshe isixubho asisebenzisayo njalo emva kwezinyanga ezintathu.
“Abantu abathenge nama-mouth wash, imikhiqizo esiza ukukhuculula amagciwane angasuseki ngesixubho, bese bezijwayeza ukubonana nodokotela bamazinyo ukuze amazinyo abo ahlale ehlanzekile futhi kunganuki kabi uma umuntu evula umlomo,” kuphetha uMthethwa.