ONGOTI bezempilo bathi isifo sikashukela esiyingxube yezinhlobo ezimbili zesifo sikashukela ezaziwayo, i-hybrid diabetes sizodala izinkinga zezempilo entsheni ngoba asilawuleki.
Ongoti bathi babona ukushintsha kwalesi sifo ikakhulukazi entsheni noma ezinganeni ezizalwa naso, obekungenzeki phambilini okubeka engcupheni impilo yentsha.
Bathi phambilini isiguli besiphathwa isifo sikashukela okungaba u-type1 noma u-type2, obuphatha abantu abadala ngokuvamile nokuba ngabantu abangayinyakazisi imizimba yabo, abangalandeli indlela yempilo yokuzinakekela kodwa manje sekuvele ukuthi kuyenzeka isiguli siphathwe ilezi zinhlobo zikashukela kanyekanye okuholela ekutheni kube nzima ukuthi ushukela waso ulawuleke.
Inhlangano yezempilo emhlabeni (WHO) iqale ngo-2019 ukukhipha umgomo wokuthi lolu hlobo lwesifo sikashukela abezempilo baluqaphele ngoba lukhona.
UDkt Imran Paruk, owungoti obhekele isifo sikashukela, izinkinga zenzalo, izindlala i-endocrinology ophikweni olubhekele isifo sikashukela ne-Endocrinology eNyuvesi yaKwaZulu-Natal nasesibhedlela Inkosi Albert Luthuli, uthe iziguli eziningi ezinesifo sikashukela esiyingxube kuba nzima ukusilawula nokuthola ukuthi isiguli siphethwe yiso. Kudingeka ukuthi sihlolisiswe kakhulu ngoba indlela lezi zifo ezilawulwa ngayo ayifani.
"Emashumini eminyaka besifundisa ngezinhlobo ezimbili zesifo sikashukela, isiguli besiphathwa inhlobo eyodwa kodwa manje akusenjalo," kusho uParuk.
Uhlobo u-type1 no-type2 wesifo sikashukela bekuyizinhlobo zalesi sifo ezaziwa kakhulu. Ngokuvamile, uhlobo lokuqala olwaziwa ngo-type1 besazi ukuthi luvame ukuphatha iziguli ezincane kusukela zizelwe.
" Lezi ziguli bezisuke zinesisindo esijwayelekile kodwa amanyikwe azo ekhiqiza i-insulin encane noma angayikhiqizi nhlobo. Ngakho-ke, zithembela kwi-insulin. Isifo sikashukela u-type 2 siphatha abadala, abakhuluphele noma abangakhuluphele.Imizimba yabo ayikhiqizi i-insulin eyanele, noma imelana ne-insulin.
“Phambilini besibheka iminyaka yesiguli nokubukeka kwaso. Uma isiguli kungumuntu omusha okhuluphele noma ongakhuluphele ubesuke ephethwe utype1.Muva nje, sithole ukuthi u-type1 no-type-2 bayakwazi ukuphatha umuntu oyedwa okwaziwa nge-hybrid diabetes. Siqaphele ukuthi iningi lentsha enalesi sifo sikashukela esiyingxube ikhuluphele ngokweqile," kusho uDkt Paruk.
UDkt Maria Van der Merwe we-Association for Dietetics in South Africa, uthe izinto ezidala ukukhuluphala ngokweqile izakhi zamahomoni, umlando womndeni, izinto ezithinta ingqondo, inhlalo yabantu nokudla.
“Iphuzu elithinta ukudla lincike kakhulu ekutheni badla ukudla abakwazi ukukuthenga ngemali abanayo, okuthandwa imindeni yabo nezindlela zokudla eziyisiko labo," kusho uDkt van de Merwe.
IWHO isanda kukhipha isexwayiso esibhekiswe kodokotela mayelana nemithi okuthiwa iyasiza ekwehliseni isisindo kubantu abanesifo sikashukela abakhuluphele ngokweqile.
UDkt Yukiko Nakatani, wophiko lweWHO, olubhekele ukutholakala kwemithi, i-Access to Medicines and Health Products, uthe odokotela abagweme ukunikeza iziguli zabo le mithi, bagxile emithini ebivele isetshenziswa phambilini.