ISIFO sabantu besifazane esixina isibeletho nokuya esikhathini kwabo i-endometriosis, siyimbangela yezinkinga zenzalo kwabangu-50% kuleli.
Inhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), ithi u-10% wabantu besifazane ophathwa yilesi sifo uze udinge ukuthi welashwe.
ENingizimu Afrika lesi sifo singezinye zezifo ezinganakiwe kangako ngenxa yokuthi izinsiza zokusihlonza nokuselapha ziyabiza, nokuthi kuleli lo mkhakha awukathuthuki kahle.
UDkt Abri de Bruin owungoti walesi sifo eGenesis Reproductive Center neMediclinic eseKloof, uthe imikhankaso yokuqwashisa ngokusabalala kwe-endometriosis ibalulekile, ukuze abesifazane bajwayele ukuzihlola ukuthi umgudu wenzalo usesimweni esiyiso ukuze kunqandeke lesi sifo esibonakala sanda kule minyaka.
I-Endometriosis yisimo lapho ama-cells akha ulwelwesi lwesibeletho ekhula ngaphandle kwesibeletho. Izimpawu ze-endometriosis ziyahlukahlukana kodwa ngokuvamile ziholela ekutheni kube buhlungu uma owesifazane esezinsukwini zakhe ubuhlungu bamanyonga obungapheli nobuhlungu uma beya ocansini.
“I-Endometriosis idlange kakhulu manje kunaseminyakeni engu-20 edlule futhi iya ngokuya idlanga kwabesifazane abasebasha. Ochwepheshe bathi lokhu kwenyuka kwezibalo zabesifazane abahlaselwa yiyo zidalwa ukuthi iningi labesifazane liba nokhwantalala nengcindezi namahomoni atholakala ekudleni esikudlayo," kusho uDkt de Bruin.
UDkt Kamlanathan Subrayen, owungoti walesi sifo esibhedlela iLenmed Ethekwini Hospital and Heart Centre, eThekwini, uthe: "Akekho umuntu esingeke simphathe lesi sifo ngoba kuthiwa usemncane noma imuphi umuntu wesifazane singamhlasela," kusho uDkt Subrayen.
Uthe okubalulekile ukuhlolwa nokwelashwa kusenesikhathi, wathi izimpawu zalesi sifo zingaqala ukubonakala ngesikhathi owesifazane eqala ukuya esikhathini.
"Kwesinye isikhathi kuye kudingeke ukuthi sikhishwe isibeletho yize nakho kungayilaphi i-endometriosis kodwa kwenza ukuthi umuntu wesifazane angayi ezinsukwini zakhe okunciphisa ubuhlungu. Kunciphe nesidingo sokuhlinzwa kuphindelelwa," kuphetha uSubrayen.