UKUFIKA komntwana emhlabeni kujwayele ukuletha injabulo kubazali bakhe, ikakhulu uma bekuhlelele ukuzalwa kwakhe futhi kuyinto abasuke sebesikhathi eside beyilangazelele.
Nokho akupheleli ekumzaleni kuphela ngoba uma umntwana esekhona emhlabeni, kudingeka ukuthi anakekelwe ngezindlela ezahlukene ukumgcina enempilo futhi angahlale egula.
Isikhulu esiphezulu sesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, uMnuz Murray Hewlett, sithe enye yezinto ezikhuthazwa ngabezempilo ukuze umntwana ahlale ephilile, wukugqugquzela abazali ukuba bamgome izikhawu eziningi, ikakhulu kusukela esanda kuzalwa kuze kufike onyakeni wakhe wokuqala.
“Ukugoma umntwana kusiza ekutheni agweme izinto ezahlukene futhi kumnika impilo engcono. Lokho kufakazelwa wucwaningo lwenhlangano yabezempilo emhlabeni, olwaveza ukuthi ukugoma izingane kuvikela iziwu-2 million kuya ku-3 milion, ukuthi zingafi njalo ngonyaka.
“Unyaka wokuqala ubucayi kakhulu empilweni yosana ngenxa yokuthi uma lusanda kuzalwa lusuke lunomzimba olula, nongenwa kalula yizifo ezahlukene, okudinga luvikelwe kuzona,” kweluleka uHewlett.
UMnyango wezeMpilo ucebisa ngokuthi abazali bagome izingane zabo ngomjovo ovikela ukuthi zingangenwa kalula yisifo sofuba.
Ngemva kwalokho uma umntwana esenamasonto ayisithupha ezelwe, ugonywa ngomunye futhi ozomvikela ezifweni okubalwa i-pneumonia, haemophilia, ne-hepatitis.
Emasontweni awu-10 kuya kwawu-14 ezelwe, uyagoma futhi. Uphinde umgome uma esenezinyanga eziyisithupha, neziyisishiyagalolunye ezelwe ukusiza ukugwema ukuthi angenwe wumkhuhlane kalula. Okumqoka kulokhu wukuqikelela ukungeqiwa wusuku okumele umgome ngalo.
Yikuphi okumele ukulinde emva kokugoma umntwana?
– Ukugoma umntwana kuza nezimpawu nezimo ezithile emzimbeni womuntu, nokho ezingathathi isikhathi eside okungaba wukuthi umntwana ahlale ezela noma acobeke nje. Nokho uma ubona izimo ezifuze lezi ziqhubeka isikhathi eside, ungaxhumana nodokotela ukuze kutholakale inkinga kusekahle.
UHewlett uxwayise abantu ukuthi bangalaleli noma yini eshiwo ngabanye engelona iqiniso ngokugoma njengokuthi kudala ukuthi umuntu angenwe yizifo eziningi kalula.
“Wumsebenzi womzali ukuqikelela ukuthi umntwana wakhe uhlale enempilo, ngakho izinto ezinjengokugoma ingane yakho uma isanda kuzalwa zidinga ukubekwa eqhulwini uma ufuna ukuthi umntwana wakho aphile isikhathi eside,” kweluleka uHewlett.