KULELI VIKI esisuka kulo ngihlangane nabantu bakithi abagulayo, abanye babo kubi ngale ndlela exakayo. Kukhona obekungahambeki bekhala ngezinhlungu kusukela ekhanda,, kuya onyaweni ikakhulu ohlangothini lwesinxele. Kukhona abathi kunamabhungezi okanye amaphela ahamba ekhanda okungathi ungalibamba ikhanda linganyakazi.
Izinyawo zivuvukele, kwabanye olunye lukhulu kunolunye. Bayakhohlwa, isiyezi, uvalo, amakhanda aseneminyaka ebuhlungu. Kunodadewethu oseneminyaka ehlushwa yisikhumba, isisu sikhukhumele, abantwana akabatholi, nasemzini lapho eshade khona kubi ngale ndlela exakayo.
Babodwa abanesifo sikashukela esingalawulekiyo, sebesebenzisa i-Insulin bayazijova, abasaboni emehlweni, i-stroke sesike sabaphatha. Abanye izilonda ezinhlobonhlobo ngenxa yesifo sikashukela belu, kwabanye izilonda zeminyaka ezingahlangene nesifo sikashukela.
Lezi zimo zande ebantwini abazihluphekelayo, ongazi uzoqalaphi ukubasiza ngoba izimo zilungiswa ngemali. Angisakhulumi ngemidlavuza enhlobonhlobo, kukhona abophayo uma bechitha amanzi noma beya endlini encane, izimila ezindaweni ezehlukene.
Lezi zimo engizichaza ngenhla zingenze ngazibuza ukuthi kazi abantu bakithi bayabona ukuthi kuqhubekani lapha? Uthi bayazi ukuthi lezi zinhlungu, izimo zokugula abakuzo umuntu ngamunye unamandla okusiguqula isimo akuso ngokuthatha izinqumo ezibalulekileyo. Ngiyacabanga ukhona ozibuza ukuthi uthini udokotela manje? Cha, ngiyazizwa ngithi nguwena uqobo okumele uthathe isinqumo sokuzigweba wena ngokugula kwakho. Ngaphambi kokuphendula ake sibuke umlando wezempilo sizame ukuphendula yingani silapha esikhona?
Emnothweni womhlaba jikelele ayikho imboni eyenza imali eyedlula imboni yezempilo. Lokhu kungenxa yezizathu ezehlukene singabala nje, wonke umuntu emhlabeni uyedlula esangweni lezempilo ethanda engathandi. Le mboni yenza izizumbulu zemali ngemithi abayidayisayo, yingakho benza isiqiniseko sokuthi yonke imithi esetshenziswa emazweni idlula kubona ngaphambi kokuthi isetshenziswe. Baphinde benze izizumbulu zemali ngemishini esetshenziswayo ekuhlonzeni nasekwelapheni abantu.
Iziqhwaga zomnotho zenza izizumbulu zemali:
Ngokuqinisekisa ukuthi abantu abaningi bakhona futhi bahlezi embonini yezempilo basebenzise le mishini nezinhlobonhlobo zemithi.
Bayaqinisekisa ukuthi umuntu uphuma engena ‘ekwelashweni’, isikhathi eside kakhulu ukuze kwenziwe imali.
Bayaqinisekisa ukuthi umuntu ongena khona wenziwa okuningi ngabantu abehlukene.
Isibonelo bayazi abantu abake balaliswe esibhedlela ukuthi kuthathwa izinqwabanqwaba zamagazi kuyohlolwa, kuhlolwe into efanayo necishe ifane wena ogulayo ungasizakali. Ubonwe ngabantu abaningi kungekho sidingo, ufakwe emishinini enhlobonhlobo ekugcineni kuthiwe ayitholakali imbangela yokugula kwakho. Abanye kuze kuthiwe hamba ekhaya uyobuya uma unenkinga, ngaleso sikhathi likuphethe ikhanda awulali ebusuku.
Kunodokotela abangochwepheshe abayinqwaba bonke bahlukaniselana umzimba owodwa osebenza ngendlela eyodwa:
Ngike ngathuka kulezi zinsuku ngizwa sekuthiwa kunodokotela nje osebhekene nendlebe kuphela, kuqala bekuhlanganiswa intamo, ikhala, nezindlebe, hhayi ushaye phansi usukwazi ukuchwephesha ngendlebe nje kuphela. Uthi bewazi sekukhona nodokotela oba ngungoti wamafutha emzimbeni, okunye cha! Uma ubukisisa konke kwenzelwa ukuthi wena siguli ugcine usuntunta kuyo yonke le minyango, uphuma lapha ungene la, bafike bathi ngapha hhayi abayithinti into ethile ngoba isinongoti wayo. Umuntu olimalayo lapha nguwena siguli.
Bazokhumbula abaningi ngesikhathi kuneCovid-19, satshelwa izwe elithile laphesheya lathi ngeke siwusebenzise umgomo ophuma ezweni eRussia noma owaseChina, asilinde owabo bazothi sebeqedile basidayisele izinsalela. Senzenjani? Savuma, salinda, bahamba emhlabeni abanye, salinda. Zafika izinsalela, zabiza imali ephindaphindiwe besidayisela, angithi? Nalapho kwathiwa asivume sisayine sithi noma kungavelani ephambukile abadayisi ngeke bawuthathwale umthwalo uma umgomo sewenza okungalindelwe. Senzenjani, savuma sasayina?
Ngiyethemba siyabona lapha ukuthi isimo sezempilo sidinga ukuthi uzithathele wena isinqumo akekho onendaba nawe. Okubalulekile kulabo abenza imali ngathi ukuthi siqhubeke sigule sibe baningi, sigule isikhathi eside, kube kuningi okwenziwa kithina ngaphambi kokuthi sihambe emhlabeni. Ngaleyo ndlela amazwe enza izizumbulu zemali ngathi ayaqhubeka adla imali kakhulu kunakuqala.
Ekugcineni nguwe nempilo yakho:
Uma ufuna ukuphila isikhathi eside, ungenankinga emzimbeni kuze kube yileso sikhathi sokuhamba emhlabeni kukuwe ukuzikhethela. Uke uvuke ekuseni uzibone usunemivimbo emzimbeni ongazi iqhamukephi, kanjani? Uke uvuke umlenze omunye usumkhulu kunomunye, uvuke kube ngathi uklwejiwe ube wazi akukaze kwenzeke lutho okuyela kuloyo mklwebho. Uvuke ubhonzo uvuvukele, okanye idolo, njalo njalo.
Okusuke kwenzekile umzimba usuke uhlaselwe yizinto ozidlile nezimo ezenzeke empilweni yakho ezigcina ngale miphumela. Umzimba uma uhlaselwe ake sithi ulale udle ukudla okuphekwe nge-Sunfoil, Sunflower, Canola oyela nezinye izinhlobo, umzimba usuke uzolwa nalezi zigayigayi eziwushevu eziphuma kulo oyela, bese imivimbo yokulwa esikhundleni sokuthi kuvuvukale ubuchopho, noma kulimale inhliziyo; unqume ukuthi okungcono kulimale ubhonzo, ihlombe, idolo, iqolo, nezinye izindawo.
Ukube umzimba ubukuvumile ukuhlaseleka kobuchopho ngabe ushaywe i-stroke wahamba emhlabeni okanye kushayeke inhliziyo yavela yama kwaphela ngawe. Uma ulokhu uqhubeka udla labo oyela uzolokhu unamadolo abuhlungu, unemilenze ebuhlungu, unomgogodla olokhu wahlinzwa njalo kuthiwe kunenevu ephumile yacindezeleka ndawondawo, nawe ngenxa yolwazi nokwethuswa ngodokotela, nezinhlungu ezikuphethe uzovuma uhlinzwe.
Ngiyaphinda ngithi:
Ushukela nakho konke okunoshukela kudala izinhlungu nokugula emzimbeni. Empeleni inhlangano i-WHO ngoMashi 2015 yancoma kuwo wonke amazwe ukuthi makwehliswe ukudliwa kukashukela kwabancane nabadala, kwanconywa amathisipuni ayisithupha ngosuku. Amathisipuni ayisithupha kuphela. Ingilazi ye-Coca Cola inamathisipuni ayishumi.
Ushukela ungena unamathele emithanjeni yenhliziyo, yamehlo, yamadolo, yezinyawo kuqubuke ubuhlungu bume ngezinyawo. Ukudla njalo kwandisa ushukela egazini bese kunyuka leya homoni eyinkinga i-insulin. Uyakhumbula sathi le homoni uma ikhona emzimbeni okanye egazini idala umdlavuza, inqunde amehlo, ibulale inhliziyo, izinso, izinyawo, isikhumba, amaphaphu. Empeleni ayikho ingxenye yomzimba engalimali ngenxa yokudla okunoshukela, bese umzimba ukhiqiza le insulin, kuqale lapho ukonakala.
Mpilonde!