NJENGOBA isigoqwa inyanga yabantu besifazane, ongoti bezempilo bakhuthaza ukuthi abesifazane baqaphele bahlolwe izifo ezijwayele ukubahlasela.
Umdlavuza webele ungumdlavuza ohamba phambili ohlasela abantu besifazane. Ongoti bezempilo bakhuthaza abantu besifazane abaneminyaka ewu-18 kuya phezulu ukuthi baqale ukuzihlola bona emakhaya ukuthi abanazo yini izigaxa abangazijwayele emabeleni abo.
Abesifazane abeneminyaka engu-40 kumele baye kohlolwa ukuthi abanaso yini isimila emabeleni okwaziwa nge-mammogram njalo ngemuva kweminyaka emibili.
Ingozi enkulu ngomdlavuza webele ukuthi uyadlondlobala uma iminyaka yowesifazane ikhula kodwa abanye abantu besifazane kuyenzeka bawuthole besebancane kunalokho.
Ufuzo nalo luneqhaza ekubekeni engozini abesifazane abazalwa emindenini enomlando wabantu besifazane abanomdlavuza.
Umdlavuza womlomo wesibeletho
Ongoti bathi kubalulekile ukuthi abesifazane bahlolwe ukuthi alukho yini ushintsho emlonyeni wesibeletho kusenesikhathi bathi lokho kuyasiza nasekutheni belapheke ngokushesha.
I-pap smear esetshenziselwa ukuhlola ushintsho emlonyeni wesibeletho, iphinde ihlole ukuthi owesifazane akanayo yini i-human papillomavirus (HPV) okuyigciwane elidala izinhlobo eziningi zomdlavuza womlomo wesibeletho. Njengamanje usukhona umgomo ovikela amantombazane ukuthi angalitholi ligciwane le -HPV.
HIV
Ucwaningo lukhombisa ukuthi abesifazane batheleleka kakhulu ngegciwane leHIV njenxa yokwakheka kwemizimba yabo, basengcupheni enkulu yokuthola leli gciwane. Ongoti bathi ubungozi buqhutshwa ukuthi kusenokungalingani uma kubhekwa abesilisa nabesifazane. Abesifazane basahluleka ukuzithathela izinqumo mayelana nokuthi bafuna ukuthi kusetshenziswe izinsiza zokuzivikela uma kuyiwa ocansini. Bancoma ukuthi abantu besifazane bahlolwe i-HIV minyaka yonke.
Ukudleka kwamathambo
Abesifazane uma bekhula, amathambo abo ayadleka futhi abe buthakathaka, okungadala ukuthi kube lula ukuthi akhumuzeke. Ngakho-ke ukuhlolwa kokuqina kwamathambo (i-DEXA scan) kuyanconywa kwabesifazane abaneminyaka engu-65 noma ngaphezulu.
Umdlavuza wesikhumba
Umdlavuza wesikhumba udalwa ukukhula okungavamile kwamagqamuzana esikhumba (cells), ngokuvamile esikhumbeni esijwayele ukushiswa yilanga noma kungathiwa lokho akwenzeki njalo. Abesifazane abanenqwaba yeziqu zoboya esikhunjeni noma izinguquko ezibonakalayo kumele bahlolwe ukuthi abanawo yini umdlavuza wesikhumba.
Ukukhuluphala ngokweqile
“Ngokocwaningo lwakamuva, cishe u-70% wabesifazane baseNingizimu Afrika ukhuluphele ngokweqile .
Ongoti bancoma ukuthi abesifazane basebenzise i-Body Mass Indicator (BMI) ukuze bazihlole ukuthi isisindo somzimba wabo siyahambisana yini nobude babo.
Ukukhuluphala ngokweqile kunomthelela ezifeni ezifana nesifo sikashukela, ukwehla nokwenyuka komfutho wegazi, ukuminyana kwemithambo ehambisa igazi enhliziyweni ngakho abesifazane kumele uma bazi ukuthi bakhuluphele ngokweqile bahlolwe njalo ukuthi abanazo yini izifo ezihambisana nokukhuluphala ngokweqile.