UMBUZO
MAGUMEDE ngiyindoda esikhulile eseminyakeni eko-50. Ngiphila nemizwa yobulili obubili (bisexual). Ngike ngashada nenye indoda phambilini kodwa yashona. Sengicabanga ukuthatha intombi nje engangami, engizoyitshela iqiniso ngiqala nje ukukhuluma nayo ngoba angisiye umuntu ophila nezimfihlo.
Inkinga dadewethu wukuthi kunzima kimi ukushela izintombi ngoba ngijwayele kakhulu ukushela izinsizwa.
Izintombi zike zingishele, ngivele ngibe namahloni. Ngibaleke ngazo zombili izinyawo. Ngisacela uke ungibonise ukuthi kumele ngenze njani uma ngishela intombi? Ngiyabonga.
IMPENDULO
MINA bengithi kungcono usale usuqhubeka nawo amadoda ngoba vele neminyaka isihambile.
Angazi kungani ufuna ukuqala phansi uthathe umuntu wesifazane ozophinde umtshele ukuthi wena uthanda amadoda, nabafazi.
Okokushela kulula kakhulu. Shela ngale ndlela oshela ngayo amadoda. Ngitshele nje, ngubani umuntu wesifazane obheke eminyakeni ewu-50, ozovuma, aphinde amukele ukuthi umnakwabo uyindoda? Angikwahluleli kodwa icabangisise kahle into ofuna ukuyiqala. Ngikufisela inhlanhla.