KUNEZINTO eziyizinkolelo-ze, ezikhulunywa ngabantu, ikakhulu ezinkundleni zokuxhumana nezigcina sezididisa abantu ngoba uma kuxoxwa ngazo, bazitshela ukuthi ziyiqiniso ekubeni zingamanga.
Kunenkulumo ethi umuntu wesifazane ompofu noma okhanyayo ngebala, akamnandi embhedeni kodwa omnandi kakhulu yiloyo onebala elizothile.
Bakwethu, akulona iqiniso lokho. Kangisho ngoba nakhu ngikhanya ngebala kodwa ngisho ngoba ngiyalwenza ucwaningo.
Akugcini kwabesifazane kuphela kodwa nabesilisa abakhanyayo ngebala, bachazwa njengabantu abangakwazi ukwanelisa owesifazane embhedeni. Ngisho noma osisi bekhuluma ezinkundleni zokuxhumana, bakubeka kucace ukuthi indoda empofu abayifuni.
Nginombuzo owodwa kulaba abakholelwa kule nto wokuthi, ngabe ibala lomuntu lihlangana kanjani nokuya ocansini?
Kwesinye isikhathi kufanele siyeke ukufafaza amanga ngenhloso yokucindezela nokuzwisa abanye abantu ubuhlungu.
Ngenxa yala manga, kunabantu asebenqena nokuzibandakanya nezothando ngoba nakhu bona bayakhanya ngebala.
Omunye uze ayeke ukuqoma indoda ayithandayo ngoba nakhu impofu ngoba yena ukholwa ukuthi indoda empofu ishaya udaka embhedeni.
Ngifisa ukwazi ukuthi la manga aqhamuka namuphi ungqeqe, owayenesikhathi sokuhamba ezwa bonke abantu abampofu, waze wezwa nokuthi abamnandi?
Ngifisa siyilungise le nto ngoba ngiyazi ukuthi singabantu asithandi izinto ezifanayo.
Wena uma ungathandi ukuthandana nomuntu okhanyayo ngebala, yeka labo abathandayo babaqome.
Nikhumbule futhi ukuthi akuthina sonke esithanda ukujola nabantu abanebala elizothile.
Mina ngikholwa ukuthi umuntu nomuntu unohlobo lwakhe lomuntu aluthandayo nolumchazayo. Akekho futhi umuntu ophoqwayo ukuthi athandane nomuntu angamthandi.
Uma singakwazi ukuhlukanisa izinto eziyizinkolelo-ze nezinto zangempela singaphila kahle. Ngoba abantu abampofu abamnandi embhedeni pho bagana/baganwa kanjani? Bashada/bashadelwa kanjani?
Kufanele engabe phela bangumgodi onganukwanja ngoba ayikho indaba yabo.
Le nto nje yaziqhamukela nomuntu thizeni, owaba nebhadi lokuzithokozisa nomuntu ompofu, igazi labo langahlangana kahle nokuyinto eyenzekayo nakumuntu onebala elizothile.
Abantu abaningi bazithola bedidiseka ngenxa yokulalela zonke izinto ezikhulunywa ngabantu ezingelona iqiniso.
Asikho isidingo sokuyeka ukuthanda umuntu omthandayo ngoba nakhu uthi uyakhanya ngebala.
Akekho umuntu owuchwepheshe wocansi, ngabe umpofu noma unebala elizothile.
Yekani nje ukufaka izimendlela zamanga ngabantu abanebala elizothile.
Mina ngazi indoda enebala elizothile kodwa engeve ifathuza embhedeni nokufakazela khona ngempela ukuthi embhedeni akuyi ngabala kodwa kuya ngomuntu ukuthi yena umdlalo uwudlala kanjani.
Ngicela nje abantu abampofu bayeke ukuzizwa bengelutho ngenxa yala manga akhulunywa ngabo.
Kumele nazi ukuthi ezinye izinto zisuke zikhulunyelwa ukuqhuba usuku nje hhayi ngoba ziyiqiniso.
Ngakho-ke nani ningavumi ukudidiseka. Umuntu akathandane nenhlobo yakhe ayithandayo, niyeke ukufafaza amanga.
Alukho uhlobo lomuntu okuqinisekisiwe ukuthi lo muntu onjena umnandi kodwa zikhona lezo zinkolelo-ze, ezenza umuntu ashele nomuntu angamthandi ngoba embona enale nto okuthiwa abantu abanayo bamnandi.
Omunye uke ashele umuntu wesifazane onezindebe ezinkulu ngoba ekholelwa ukuthi unenkomo enkulu.
Omunye aqome owesilisa onamagwegwe ngoba ekholwa ukuthi embhedeni bangojikelele.
Umuntu uma esefika kungasenjalo bese eyaphoxeka kanti uyena othanda izinto.
Asibeke eceleni ukuthanda izinto nokuya ngezinto esizizwa zishiwo ngabantu kodwa iya kumuntu ngoba umthanda.