INTSHA namadoda kuthiwa bayadembesela ukuya ezikhungweni zezempilo ngoba besaba ukucwaswa noma ukungaphatheki kahle kulezi zikhungo.
Ngenxa yalokhu kwasungulwa amasu azolekelela uMnyango wezeMpilo ukuze basondele ezikhungweni zezempilo, iSouth African National Intergrated Men's Health Strategy (SANINH) 2020-2025. Nge-SANINH kunohlu lokuhlolwa olubhaliwe ukuze lulandelwe izingane ezineminyaka ephakathi kuka 10 kuya ku 19, abesilisa abaphakathi kuka-20 kuya ku-34 namadoda aneminyaka engu-50 kuya phezulu basizakale.
Ngala masu kukhuthazwa abafana namadoda ukuthi bajwayele ukuhlolwa ezifo ezifana nesifo sikashukela, umdlavuza, isifuba somoya nesifo senhliziyo nezifo zamaphaphu njalo ngonyaka.
Kukhuthazwa abafana namadoda ukuthi baphile impilo ezobasiza ekutheni bangabi sengcupheni yokungenwa izifo eziyingozi okungaba ukugwema ukubhema, ukuzijwayeza ukudla ukudla okunempilo, ukugwema ukuba nesisindo esikhulu somzimba, ukunyakazisa umzimba ngokuzivocavoca noma ukwenza imisebenzi enyakazisa umzimba.
UMnuz Lesego Mateme we-SA Tobacco Free Youth Forum, uthe iningi lentsha liqala ukubhema ugwayi lisafunda ezikoleni zamabanga aphansi.
"Ucwaningo lwakamuva olwenziwe umkhandlu wezempilo kuleli, iSouth African Medical Reseach Council (SAMRC), luveza ukuthi u-26% wentsha esemanyuvesi ubhema isibhawubhawu, ama-e cigarettes, i-vaping nezinye izinhlobo zikagwayi abacabanga ukuthi zinobungozi kancane kunogwayi ojwayelekile, kanti bayazikhohlisa. Ama-e-cigarretes ayingozi, iningi lentsha lingeniswa ezibhedlela lihaqwe izifo zamaphaphu ezidalwa ukuwabhema," kusho uMateme.
Unxuse uhulumeni ukuthi ashaye imithetho ezovikela intsha ukuze ingangeni ogibeni lokubhema lo gwayi.
UDkt Padaruth (Prithy) Ramlachan, owudokotela owungoti wezifo zocansi, oke waba umengameli we-African Society for Sexual Medicine, uthe izingane ezineminyaka ephakathi kwewu-10 kuya ku-19 kubalulekile ukuthi zihlolwe ukuthi zizwa kahle, zihlolwe amazinyo nomlomo, zihlolwe ukuthi zibona kahle nokuthi imizimba yazo isebenza kahle yini. Ngaphezu kwalokho zilandele uhlelo lokugomela izifo.
UDkt Ramlachan uthe amadoda aneminyaka ephakathi kuka-20 kuya ku-34 kumele ungapheli unyaka engazange ahlole ukuthi izinhlamvu zamankwahla azinazo yini izimila noma izigaxa ezingajwayelekile, ahlolwe ukuthi umfutho wegazi usezingeni elikahle yini, izifo zocansi nokuthi inhliziyo ishaya kahle yini.
“Ukuhlolwa okujwayelekile okubalwa umfutho wegazi, ushukela egazini, isisindo somuntu kubaluleke ngendlela eyisimanga yize kungabukeka kuyinto encane ongayenza uma unesikhathi,” kugcizelela uDkt Ramlachan.