ABANTU besifazane abaningi kuyabakhathaza ukubona izimpahla zangaphansi zishintsha umbala, okungaba ukuthi zibukeke sengathi zishile noma kube sengathi zifakwe izinsiza zokususa amabala, ibleach.
Ongoti bezempilo bathi nakuba lokhu kubukeka kabi futhi kubakhathaza abesifazane nabesilisa abaye babone izimpahla zabo zangasese sezimoshekile, kodwa lokhu akuyona ingozi nakancane ngoba kusho ukuthi isitho sangasese sisuke sizihlanza sona bese sikhipha uketshezi olusasawotshana abadala ukuthi izingubo zangaphansi zishintshe umbala wazo.
UDkt Kim Sonntag ongudokotela wezifo zabesifazane obelethisayo obuye abhale ebhukwini lezempilo, iWomen's Health South Africa uthe: “Isitho sangasese sowesifazane ngokwemvelo sinendawo enokusasawotshana (acid), ene-pH ephansi.
Amagciwane amahle adingekayo emzimbeni abizwa nge-Lactobacilli, atholakala esithweni sangasese sowesifazane, ayasiza ekugcineni i-pH ihlale isezingeni elifanele ukuze owesifazane angangenwa yizifo.
Lama gciwane iwona asiza ekutheni isitho sangasese sizihlanze. Uma isitho sangasese sikhipha uketshezi olungenalo iphunga futhi lungewona umbala ongajwayelekile okungaba ophuzi, oluhlaza okotshani noma onsundu kusho ukuthi isitho sangasese siyazihlanza."
Uqhube wathi kujwayelekile ukuthi abesifazane babone izingubo zabo zangasese zimoshekile ngenxa yoketshezi oluphumayo. Lokhu kwenzeka kubantu besifazane abaningi emhlabeni.
Ongakwenza ukuthi uma ubona lawo mabala uwabuke njengamabala achaza ukuthi isitho sakho sangasese senza lokho okumele sikwenze, hhayi njengento eyihlazo noma echaza ukuthi awuhlanzekile," kusho yena.
Okunye athe ungakwenza ukuthi ugqoke izingubo zangaphansi ezingagqamile ukuze amabala angabonakali kalula.
UDkt Annie Frenkel, owungoti wezifo zabantu besifazane obuye abeluleke enkundleni yezokuxhumana uTik Tok, uthe baningi abangaqondi ngokusebenza kwesitho sabo,
Abanye uthe baye basebenzise ama-panty liners ngenhloso yokuthi uketshezi okungenzeka lonakalise umbala wezingubo zangaphansi, lungene kuyona.
"Ipanty liner ilimaza isikhumba sesitho sangasese esibucayi, uma uyigqoka nsuku zonke. Uma uzwa sengathi kukhona uketshezi oseluphumile ongakwenza, wukushintsha izingubo zakho zangaphansi ngoba ukufaka ipanty liner njalo kulimaza isikhumba esibucayi.
“Sigcina sesiluma ngoba ipanty liner uma ithintana naso lesi sikhumba igcina isiklwebha okungadala ukuthi amagciwane angene kalula," kusho yena.