Impilo Yabantu

U-DJ uthembisa into yamehlo emcimbini Intandokazi

Nokubongwa Phenyane|Published

U-DJ Queen ozobe enandisa emcimbini weNtandokazi walo nyaka, ngokubambisana nomsakazi weKhozi FM, uPhindi P

Image: Sithunyelwe

U-DJ Queen waseMolweni, eThekwini, usekhuthaze abesifazane abangakawathengi amathikithi omcimbi omkhulu ohlelwa Isolezwe, Intandokazi, ukuthi bawathenge manje njengoba kukuningi abayokuzuza ngalolu suku.

U-DJ Queen nomsakazi woKhozi FM, uPhindi P, yibona abazobe bejabulisa abesifazane abazohambela lo mcimbi ozoba seThekwini, ngoDisemba 13, ngomculo.

Lo mcimbi weSolezwe uzobanjelwa ePremier Hotel Splendid Inn, eMhlanga.

UMSAKAZI uPhindi P Phewa ozonandisa ngezingoma zakhe ezihlukene emcimbini weNtandokazi

Image: Sithunyelwe

U-DJ Queen uthe kumjabulisile ukuphinde athole elinye ithuba lokuzonandisa kuwo njengoba naye ehamba efunde okuningi okusuke kukhulunywa izikhulumi eziqavile.

"Ngesikhathi ngiqala ukuwuhambela ngonyaka odlule, ngafike ngamangala ngibona lonke uhlobo lomuntu wesifazane kulo. Angigcinanga ngalokho, ngajabulela ukuzwa izinkulumo zabantu abahlukene ezangakha kakhulu ezinye zangivula umgqondo ngezinto engangingazani. Ngakho ngiyakhuthaza bonke abesifazane ukuthi bahambele umcimbi walo nyaka ngoba bazophuma bengazisoli bazofunda okuningi kuwo," kusho uDJ Queen.

Uthe ngisho umculo awulungiselelayo manje azonandisa ngawo uxubile njengoba efuna ujatshulelwe iwona wonke umuntu ozobe ekhona.

UPhumi Mkhize osethimbeni lezokukhangisa kwiSolezwe, uveze ukuthi bakhethe ukwenza umcimbi walo nyaka ngasekupheleni konyaka, ukuze bavale unyaka ngegiya eliphezulu nabesifazane abajwayele ukuba yigxenye yawo.

"Engifuna ukusheshe ngikugcizelele ukuthi abesifazane abafuna ukuba yingxenye yalo mcimbi abaqale manje bazitholele amathikithi ukuze bezojabula nathi kulo mcimbi. Ngawo njalo ngonyaka sisuke sifuna ukuzochushisana nabesifazane abasemikhakheni ehlukene bakhulume nabesifazane ngezinto abafuna ukuzazi kabanzi. Sizoba nabesifazane abasemkhakheni ehlukene ethinta ezomthetho, ezezimali, ezolimo njengoba sizobe siphethe uNkk Nonhlanhla Mgibe ongumlimi, kuyobe kukhona nokunye esinakho abafuna ukukwazi kangcono," kusho uPhumi.

Uveze ukuthi okunye ngomcimbi walo nyaka njengoba isikhathi sasehlobo sizobe sesingenile, bafuna abesifazane bafike begqoke izingubo zasehlobo ezishaya umoya ezihlobe ngezimbali.

Uthe kulo mcimbi akekho oyohamba engaphethe lutho, amathikithi asayatholakala eQuicket (www.quicket.co.za.) ngo-R595. 

Umsakazi weGagasi FM, uSelby Mkhize, uyena ozobe ephethe uhlelo.