Impilo Yabantu

Imeya yaseMzinyathi ibeke phambili izinhlelo ezithinta amanzi nabesifazane

Nokubongwa Phenyane|Published

IMEYA kaMasipala uMzinyathi, uNkk Thembisile Mchunu, iveze ukuthi izinhlelo ezithinta umphakathi ikakhulukazi ezamanzi nezabesifazane, abafana abasakhula namantombazane yizona ezibeke eqhulwini njengoba isihlanganise izinsuku ezingu-100 isehhovisi futhi ibheke ku-2030, efuna ufike zonke izinto sezilungile kulo masipala

Image: Sithunyelwe

IZIDINGO ezithinta ukuthuthukisa abantu besifazane ngenye yezinto ezibeke phambili iMeya yaseMzinyathi, uNkk Thembisile Mchunu, esanda kuhlanganisa izinsuku ezingu-100 isehhovisi.

UNkk Mchunu ekhuluma neSolezwe izolo, uveze ukuthi ukufika kwakhe ehhovisi izinto ezithinta amanzi, ukuhambisa usizo kwabesifazane abadinga uxhaso lwamabhizinisi amancane, ukubheka izinto ezithinta udlame olubhekiswe kwabesifazane, ukugconana kwentsha ezikoleni, ukudlwengulwa kwezingane kanye nezidakamizwa yizona azibeka eqhulwini.

Uthe indaba yamanzi iyona aqale ngayo ngoba ibidinga ukusukunyelwa kakhulu ngenxa yokuthi imiphakathi eminingi eMzinyathi ibibhekene nengwadla yokungabi nawo amanzi.

“Kuyajabulisa ukuthi namhlanje kulezi zinsuku ezingu-100 ngifikile ehhovisi kukhona imiphakathi esinawo amanzi. Ezindaweni ezifana naseMvoti, eNquthu, eThelezini kukhona la sesichithe khona izigidi zemali ukulungisa izinkinga ezikhona futhi amanzi ayaphuma, nawe ungaya khona uzowafica. Siphinde sahlangana nomphakathi waseNquthu sizokwethula uhlelo lokulungisa ingqalasizinda ebisindala nedle imali enguR53 million, ukuze kube namanzi emphakathini. Bekungumsebenzi omkhulu lona yingakho udle imali engaka futhi kuseyisigaba sesithathu usaqhubeka, amanzi senza konke okusemandleni ukuthi atholakale,” kusho uNkk Mchunu.

Uveze ukuthi okunye abafuna ukukuqeda izindlu zangasese zomgodi emakhaya nasezikoleni okuyinto asebeqalile ukuyibheka futhi bafuna ukuthola nosizo eminyangweni kahulumeni efanele.

“Kukhona konke lokhu asibakhohliwe abantu abadinga usizo lwethu emphakathini. Kukhona uhlaka kuMasipala osiza abantu abanamabhizinisi amancane ukuthi bathole ukuqeqeshwa abakudingayo. Ngazo lezo zinhlelo kukhona abesifazane abanezinkampani ezinkulu zezinkukhu, ezikhiqiza izitini zokwakha, ama-yoghurt, ubisi namabhala. Siyanxusa ukuthi bacele usizo lokuxhumana nazo lezi zinhlaka ukuze bathole ukusizakala. Ngike ngithi mina kukhona konke esikwenzayo ngifuna sifike onyakeni u-2030, zonke izinkinga esinazo seziphelile,” kuchaza yena.

Uthe bajabule ngesasasa elilethwa umcimbi wamahhashi iDundee July, esiza kakhulu ekuthuthukiseni amabhizinisi amancane kusuka kubasiki bengqephu nakumaciko asathuthuka afuna ukugqamisa umsebenzi wawo.

Okunye athe kumjabulisile ukuhlanganiswa kwabafana abangu-350 abaphuma eMzinyathi ohlelweni obelwenziwe uMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, ukuze balulekwe ngendlela okumele baziphathe ngayo baphinde baphathe ngayo amantombazane.

Uthe uhlelo lokukhuthaza amantombazane ahamba umhlanga nalo baphezu kwalo njengoba sebelungiselela uhambo oluya kulo mcimbi omkhulu.