Impilo Yabantu

Izingqinamba emndenini azimvimbanga ukufeza amaphupho umpheki

Nokubongwa Phenyane|Published

UNKSZ Nonzuzo Mhlungu uthi kuzale injabulo enkulu ukuba semkhakheni wokupheka njengoba kumanje eseFrance ukuyocijwa ikhono ngemuva kokuwina emncintiswaneni abese ewungenele kathathu engaphumeleli

Image: Sithunyelwe

UMPHEKI waseMabheleni, ePort Shepstone, usegqugquzele intsha ukuthi noma ingabhekana naziphi izinkinga uma isakhula kodwa uma ibheke ekufezeni amaphupho ayo iyophumelela.

UNksz Nonzuzo Mhlungu (31), ungomunye wabapheki abagxile ekwenzeni amakhekhe ehhotela eligudle ulwandle, iThe Edward, eThekwini 

Kumanje le ntokazi isedolobheni laseBoussac, eFrance, ehhotela iLa Crusate, ngemuva kokudla umhlanganiso emncintiswaneni wabapheki obukade ukuleli ngonyaka odlule.

IKHEKHE elamenza wadla umhlanganiso uNksz Mhlungu emncintiswaneni owawukuleli ngonyaka odlule

Image: Sithunyelwe

Uthe wabashaya emakhanda ozakwabo kulo mkhakha ngokwenza amakhekhe adonsa amehlo amajaji.

Uma ekhuluma ngohambo lwakhe uNksz Mhlungu, uthe waya ngenhlanhla ngisho esikoleni sokufundela ukupheka ngenxa yokunganakwa abazali bakhe. 

Uthe iziqu zakhe wazithola e-International Hotel School, eThekwini lapho afunda khona ngemuva kokuzama ukungena emkhakheni wokuba umhlengikazi, lapho akhishwa khona esikoleni eseqalile ukufunda ngoba ekhaya sebebike ukuthi imali isiphelile.

"Ngifike kanzima la ngikhona, ukuhambela emazweni aphesheya kungijabulise kakhulu ngoba kuzongikhulisa emkhakheni engikuwo wokuthi ngenze okuhle kakhulu. Umncintiswano bese ngiwungenele izikhawu ezintathu kodwa ngagcina ngiwinile, ngihambe ngoMeyi 3 ngizobuya ngeSonto elizayo," kusho uNksz Mhlungu.  

Uveze ukuthi ubeqhudelana nabanye ozakwabo abasuka eKapa naseGauteng, abashaye emakhanda ngemibhako yakhe.

 "Ukubekezela kwami noma izingqibamba zempilo zingihlasele kodwa angivumanga ukuthi zingenze ngingafezi amaphupho ami. Mina ngikhuliswe ugogo - umama engasekho, okuthe uma ngiphasa u-matric ngicela imali yokuqhubeka nezifundo zami, ubaba nosingamama bangitshela ukuthi ayikho. Ngaqala ngenza izifundo zokupheka ezathatha izinyanga ezintathu kwesinye isikhungo eThekwini kodwa azingisizanga ngalutho. Ngabuyela ekhaya ngacela ukuthi ngifundele ubuhlengikazi kodwa ngakhishwa esikoleni kuthiwa imali isiphelile," kuchaza yena.

Uveze ukuthi ngemuva kwalokho waba umuntu ojika nelanga kwaze kwaba uba nengcindezi, ekugcineni abazali bakhe bathi akafune isikole ngoba bebone ebhale ngosizi lwakhe enkundleni yokuxhumana, iFacebook.

 "Lesi sikhungo engifunde kuso siyabiza kodwa ngibonga ukuthi ngaqeda, yize kwakunzima umndeni ungisokolisa. Ngafundiswa konke kodwa ukuthula kwami nokuba nothando kwenza ukuthi uma ngiqala ukusebenza kuthiwe angigxile ekwenzeni amakhekhe ngoba adinga isineke nothando," kuchaza yena.

Uthe uma ebuya ufuna ukuzenzela ibhizinisi lokwenza amakhekhe njengoba abantu bayahlupha ngawo.

Uthe intsha ayibe nesineke kukhona konke ekwenzayo njengoba yena samsiza.