INCWADI: Trouvrou Mzansi
UMBHALI Sylvia Strauss
ABASHICILELI:Blue Weaver
KUSEMQOKA ukuthi ushintshe indlela opheka ngayo futhi usebenzise nezithako ongazijwayele. Kepha, kumele uqaphele ukuthi awugagameli bese uqulela noma yisiphi isithako ebhodweni ngoba abantu bangacina bekhishwa yizisu.
USylvia Strauss, umbhali wencwadi ethi Trouvrou Mzansi, ubophele amaresiphi okupheka ukudla ahlukile futhi uhlanganise ulwazi lokudla kwaseNingizimu Afrika, nokwamanye amazwe.
Yize sisonga inyanga yokubungaza omama, singena kweyobaba nabo kumele batetemukiswe ngosuku lwabo.
Phakathi kwamaresiphi okupheka inyama ngezindlela ezehlukene kukhona nawokosa inyama. Zama amaresiphi ahlukile ukuze upheke ukudla okuconsisa amathe.