INCWADI: The Nigerian Mafia: Johannesburg
UMBHALI: U-Onyeka Nwelue
ABASHICILELI: Jacana Media
KUYASHAQISA ukucanasa nokugcogcoma kwabafowethu nodadewethu abaphuma kwamanye amazwe, eNingizimu Afrika. Abanye baphuma emazweni ase-Afrika, eChina, ePakistan, eBrazil, Albania, India, nabaseFrance.
Cha, incwadi ethi The Nigerian Mafia: Johannesburg, kayicwasi ngokobuzwe kepha ilandisa ngemikhuba eyenziwa ngabantu abafika eNingizimu Afrika, bese bazenzele into abayithandayo, bavike ngokuthi bayaphanta.
Akalona ivukana umbhali wencwadi u-Onyeka Nwelue odabuka eNigeria, uselobe izincwadi ezingaphezulu kweziwu-20. Phambilini, u-Onyeka uke wahlangabezana nembibizane ngesikhathi esolwa ngokuqamba amanga ngokuzibiza ngosolwazi kepha engenazo izitifiketi eziqinisekisa ukuthi ngempela ugogode wafika kulelo zinga. Kepha uneziqu zeMaster's kwezamafilimu, hhayi iPhD. Wagcina exolisile ngokuphambanisa inkulumo yakhe.
Angikho lapho kepha ungazifundela kwezakho. Encwadini umlobi uxoxa ngezinkabi eziphuma eNigeria, ezifike zithole amadlelo aluhlaza ngokwenza ubugebengu eGoli, eKapa, nakwamanye amadolobha akuleli. Incwadi yeneka obala ukuxega kwemithetho yakuleli nenkohlakalo evunguza emazingeni ahlukene osopolitiki okubalwa namanxusa aseNingizimu Afrika, azinze kwamanye amazwe.
Indikimba ingo-Uche Mbadiegwu, insizwa yaseNigeria, ephuma ngesamagundane eSão Paulo, ibalekela abomthetho ngemuva kokusiza inxusa lakuleli elisobishini. Uma efika kuleli wamukelwa ngusomaqhinga waseNingizimu Afrika, bese emxhumanisa nabanye eSandton, okubalwa usolwazi wasenyuvesi, usomabhizinisi waseChina, nowase-India, nomfundisi ovelele. Bonke bashushumbisa izidakamizwa futhi badayisa ngezincwadi zokuvakasha eziwumkokotelo. Yibona abanikeza u-Uche amatoho okuthi abe yinkabi.
Kunemigilingwane eyenzeka ezitaladini eJozi, lapho abantu behla benyuka kuze kuse. UMbadiegwu uqashwa yinoma ngubani ukuthi abulale futhi akasenawo unembeza kanti uthi iyona ndlela aziphilisa ngayo. Uhlangabezana nezimbila zithutha eYeoville, lapho kuthiwa kukhonya abantu abaphuma eNigeria, eZimbabwe, eCongo, nabakwamanye amazwe ase-Afrika.
Kuthiwa eYeoville uyazikhethela ukuthi ungena kumuphi umkhakha wobugebengu; kukhona badayisa izidakamizwa, imizimba, abathumba abantu nokunye. Yinoveli enamancoko kepha ilotshwe ngumbhali oseke wazibonela eminye imigilingwane yenzeka eNingizimu Afrika. Kuthiwa kubamba ezingelayo kunjalo naku-Uche okhipha izidumbu ngapha, nangapha kube sengathi usebenza ebhusha!
Incwadi iyatholakala ezitolo zase-Exclusive Books https://exclusivebooks.co.za