ANITSHELE mina ngitshele abangazi. Yini ngempela umsebenzi woNomarashiya Caluza beSadtu uma kuthiwa kuzolandwa othisha bangaphandle, ekubeni kunezinkumbi zentsha ebhuquza neziqu zobuthishela emakhaya? Indaba yokuthi kunezifundo abazaziyo iwumbhedo ngoba bekuzohanjiswa le ntsha ukuba iyoqeqeshelwa lezo zifundo. Angithi bahlale behanjiswa odokotela eCuba. ISadtu ihlukephi enjeni engenamazinyo kodwa elokhu ibanga umsindo ngokukhonkotha? Ayikhethe ikuthi ilwela amalungelo othisha noma seyilwela izisu zabaholi bayo. Ukuzimisela kwayo kuyobonakala ngokuthi iyeke ukumbatha ndawonye nomqashi. Phakama Sadtu, ixesha lifikile!