INCWADI: Soul of the nation
UMBHALI: Oyama Mabandla
ABASHICILELI:Tafelberg
BANINGI abakhexa imilomo uma behlaziya isimo sezombusazwe waseNingizimu Afrika. Abanye bathi "lafa elihle kakhulu".
Lokhu kungenxa yesimo sombuso wezwe esingathembisi futhi kubukeka sengathi kukwamhlambi uzalusile.
Kunezingqalabutho ezikuhlaba zikuhlikize ukubusa kwe-African National Congress (ANC).
Zisola inhlangano ebusayo ngokuthi ilahlekelwe yinqubo nezimiso zakudala ze-ANC eneminyaka ewu-112, yasungulwa.
Phakathi kwezingqalabutho ezishaya amakhala kubalwa no-Oyama Mabandla, owayeyisosha lokuqina loMkhonto weSizwe, ngesikhathi usewuphiko lwezempi lwe-ANC.
Kuzomele sikhumbule ukuthi abaholi bezepolitki bayalingeka njenghawo wonke umuntu, okubi wukuthi balingeka ngemali yabakhokhi bentela.
Ngesinye isikhathi baze bazikhohlise ngokuthi "balilwela izwe ngakho kufanele badle". Ngubani ongazange alilwele izwe?
Ngabe amasosha ayelwela umzabalazo wenkulueko yabamnyama ayekwenza lokho ngenhloso yokukhulula uquqaba lwabantu olwalucindezelwe nguhulumeni noma kungenxa yeqholo lokuthi ngelinye ilanga bayozitamuzela emalini yabakhokhi bentela?
U-Oyama unesipiliyoni kwezomzabalazo wenkululeko yabamnyama, kwezamabhizinisi nakwezobunhloli. Ulandisa ngezigameko ezahlukene njengokusungulwa kweCosatu ngo-1985.
"Ngemva kwezinsuku eziwu-19 kusungulwe iCosatu, ithimba lababulali ababeholwa nguKhomanda waseVlakplaas, u-Eugene de Kock lagadla enkanjini yethu, labulala amaqabane awu-10," kuloba uMabandla ekhasini 69.
U-Oyama ukuhlaba akuhlikize ukwengulwa kwesilonda esadalwa yiKhomishini yamaQiniso (Truth and Reconciliation Commission).
UMabandla uthi namanje sisabhibha isilonda ngoba kasilashwanga ngendlela efanele.
"ITRC yehluleka ukushushisa bonke ababephehla ubandlululo, okubalwa nosomabhizinisi okuyibona ababevuna ngokugqilaza nokuholela abamnyama amasenti...
“Ukube abamabhizinisi baphoqelelwa ukuthi bakhokhe ngenxa yeqhaza labo embusweni wobandlululo futhi baphoqwe ukuthi bakhokhe isinxephezelo (Apartheid Redress Fund), lokho kunxeshezelwa kwakuzosiza ababeyizisulu zobandlululo," kubhala u-Oyama ekhasini 144.
Kusemqoka ukuthola ulwazi lwabantu abehlukene ngokubusa kwabaholi bezepolitiki. Ngeke uzisole ngokuthenga incwadi ka-Oyama.