MHLELI: Kufikisela usizi nezinyembezi ukubona abantu bebulalana, kusale izintandane, ezigcina ziba yimihambima ezitaladini zamadolobha.
Konakelephi kanti? Nansi impilo yomuntu omnyama ishibha usuku nosuku. Wenzeni kangaka lena esingaze ibize ukuba ahlukaniswe nabaphilayo? Wena omthengele abantu, uthi uyoba yini ekugcineni kwakho khonke? Wena omthakathile uyokomela othini uyintethe yini na? Lafa elihle kakhulu.
Le mpi yokubulalana sekuyoba lukhuni ukuba inqotshwe. Lena yamalungelo iyona ekhubaza konke. Kwakungamele afane amalungelo. Isibonelo nje: Ilungelo lami ngiyisakhamuzi esimsulwa nesingazibandakanyi nezenzo ezingalungile, lifana ncimishi nelungelo lomuntu okade edubula ebulala abanye kubuka wonke umuntu.
Cishe futhi yena (umbulali) unelungelo elithe xaxa kunelami ngoba uthi esebulele, ebesevikelwa khona lapho eboshwa. Iyeke eyokutholelwa ummeli wakhe wuhulumeni, ondliwe yimali yami yentela mina ngibe ngifelwe. Kufe umuntu obesondla ekhaya, ngingatholi sizo kuhulumeni. Ngisho umngcwabo uba wutwayi lwami.
Isigilamkhuba silethwa ngemoto enkantolo. Mina ngitabalase ngifuna imali yokugibela ngiyolalela icala. Umuntu ongizwise ubuhlungu uyaphekelwa aphakelwe, mina ngizibonele. Ngiqhathe usizi nezingani zikamufi.
Lolu wusizi esibhekene nalo ezweni lobabamkhulu. Umuntu ofuna ukubulala omunye umuntu, uza lapha esifundazweni sethu (KZN) ezofuna umbulali ozomenzela umsebenzi.
Ubuthakathi kubuzwa khona lapha. Umona nenzondo kubuzwa khona lapha kwelakithi. Impela imali yokubulala omunye umuntu uyoyithola kodwa ngelinye ilanga uyobona ukuthi konke bekuyize. Okuba kubi nakakhulu yilapho umuntu esethi, ucela uxolo. Mina sekumele ngithi ngiyaxola, kanjalo nje? Kunzima ukuphila.
Muzi wakwethu, alikho iphoyisa eliyonqoba ukubulalana kwabantu. Ngabantu abayonqoba lesi sihlava. Umuntu ohlezi kwakho efika nendodana wakho, edle elale kwakho, ube ungamazi, uyena mbulali lowo. Ulapho nje kuyakhalwa lapho evela khona. Kuyokhalwa futhi mhla esuka kwakho, edlulela phambili.
Phansi izikhali nina bakaPhunga noMageba. Liyobuseka uma kunokuthula nokuhloniphana.
Okhathazekile
KWAZULU-NATAL