MHLELI: Isizwe samaZulu sikhombise ukubumbana ngenkathi sibungaza ukugcotshwa kweSilo uMisuzulu kaZwelithini. Lokhu ubukubona ngisho ezinkundleni zokuxhumana ukuthi isizwe sikaPhunga siyakuthakasela ukuyobona uNomthebe waso eyogcotshwa ngokosiko.
Isizwe sikaMageba sibuye sathumela umyalezo ocace bha, othi asisoze sathuswa ngenyoka efile. Okunye okuhlalukile ukuthi amaZulu awangathekisi, uma into ethi awayifuni, asuke engayifuni.
Okunye ngabantu abangamaZulu, ukuthi kabakhohliseki kalula futhi bayakwazi ukubekezela. Ingabe ukhona owake wacabanga ukuthi siyoba “neZilo” ezintathu kuleli likaMthaniya? Indaba le esiyoyixoxela amagwababa echobana.
Ngakubalula ngaphambilini ukuthi ukudlondlobala kwalesi sizwe kuncike ezibongweni eziningi okuyizona eziwe zivuka nobukhosi bakwaZulu. Kwakuyiphupho lweLembe uShaka ukuthi zonke izibongo zabeNguni zibumbane futhi zikhulume ngezwi elilodwa. Lokhu lakukhombisa ngenkathi libeka uNgomane kaMqomboli Mdletshe njengondunankulu walo. Kusukela lapho, isizwe sakwaMdletshe sibe nendlunkulu kwaze kwaba yimanje. Namhlanje sinezimbongi ezifana noBuzetsheni Mdletshe osaqhuba umsebenzi owashiywa ngokhokho bakhe.
Okwenzeke KwaKhangelamankengane kube yingqophamlando esiyoyibikela isizukulwane. Yingakho siyohlale siziqhenya futhi sizigqaja ngokuba ngamaZulu.
Z Ntombela
E-DURBAN NORTH