INCWADI: Fool me once
UMBHALI: Harlan Coben
ABASHICILELI: Penguin Random House
UMHLAZIYI Mpume Nzimande
UPHELELWA wumunyu, avukwe wulaka umfelokazi uma kutheleka umphenyi wecala engazalele emzini wakhe. Uphekwa ngemibuzo eshubile uMaya ngemva kokungcwaba umyeni wakhe uJoe Burkett, obulawe ngokudutshulwa ngesikhathi besepaki. Usolwa kanjena nje uMaya, yingoba uyisosha lokuqina ebelishayela izindiza zombutho wezempi e-USA. Kuyaziwa ukuthi ungushayas'bhamu oqeqeshiwe.
Encwadini ethi Fool me once, umbhali uHarlan Corben, uxoxa ngemigiligwane eyenzeka ngemva kokubulawa kukaJoe, ophuma emndenini wezimpunyela. UMaya usala edidekile ngemva kokubukela i-nanny cam, okuyividiyo esiza abazali bakwazi ukubona konke okwenzakayo ngesikhathi umuntu egade ingane yabo.
Kuthi uma uMaya esabukela ividiyo abone umyeni wakhe edlala nengane yakhe, ashaqeke ngoba uyazi ukuthi bamngcwabe ezinsukwini ezedlule. Iqala lapho inkathazo uma esebuza u-Isabella, umzanyana wengane yakhe.
Ngakolunye uhlangothi amaphoyisa athola umkhondo wababulali bomyeni wakhe. Uyaduduzeka uMaya ngoba umseshi ubesola yena ngenxa yokuthi kusetshenziswe izibhamu ezifana nezakhe ngesikhathi kubulawa uJoe. Koma amathe kuMaya, uma umseshi emtshela ukuthi isibhamu esibulele uJoe, yisona esasetshenziswa ngesikhathi kubulawa udadewabo uClaire, eminyakeni embalwa edlule. Ngesikhathi kubulawa uClaire, uMaya wayejutshwe eKuwait. Ngabe uzothemba bani?
UMaya udinwa ayobuza umyeni kadadewabo u-Eddie kepha angagculiseki ngezimpendulo, adlulele ku-Eileen umngani kadadewabo. Kushuba isimo uma esephenya ngokubualwa kudadewabo uClaire.
Ziningi izincwadi ongazithola esitolo i-Exclusive Books- https://exclusivebooks.co.za