INCWADI: Mob justice: why we kill
UMBHALI: Karl Kemp
ABASHICILELI: Penguin Books
SEKUYINSAKAVUKELA umchilo wesidwaba ukuziphindiselela kwabantu uma bebona sengathi abomthetho bayacathula. Kuvamisile ukuthi kube nomphumela omubi uma imiphakathi izibambela izinswelaboya bese izikhiphela izinqumo zokuthi zijeziswe ezitaladini. Yize umkhuba usujwayelekile futhi ungagunyaziwe kepha abantu sebethembele kuwona.
Encwadini ethi Mob justice: why we kill, umlobi ulandisa ngenqubo esithandwa ngabantu abaningi eNingizimu Afrika, yokuthi bazijezisele izigebengu ngoba besola ukuthi umthetho uyenzelela.
UKemp uyilanda kusukela ngo-2006, lapho kwashaywa abafana bejeziswa ngoba besolwa ngokukhuthuza umnumzane wendawo. Indikimba isuselwa esigamekweni semindeni emibili owakwaLebese, nowakwaNdlovu. Imindeni yabhekana ngeziqu zamehlo phambi kweNkantolo eNkulu eNorth West, ngemva kokubulawa kukaCavin Ndlovu noThabo.
Balandwa endlini bebukela ithelevishini yizinsizwa zakwaLebese zatshela ugogo kaCalvin, ukuthi ubambe uyise wazo inkunzi espaza. Batalajwa, bakhahlelwa bashiywa bedidilizile kepha inkantolo yagcina izigwebile izinsizwa zakwaLebese.
Kunenkolelo yokuthi inhlese yokuthi umphakathi uzijezisele izigilamkhuba usukela eminyakeni yama-1980, lapho kwakushiswa abasolwa ngokuba yizimpimpi zamaphoyisa obandlululo. Kepha asikho lapho.
Esinye isigameko esihlasimulisa umzimba ngesangoMeyi 2021, esenzeka eZandspruit, lapho amaphoyisa ahluleka ukunqanda isimo ngesikhathi abantu begijima phansi phezulu namathayi ezimoto. Kuthiwa amalungu omphakathi alinganiselwa ku-200 ahlasela, athumba abasolwa emakhaya abo ayebasolwa ngezenzo zobugebengu. Batalajwa, bathelwa ngophalafini, bashiywa bedindilizile emigwaqweni. Wakhuluma kwaze koma amathe umfoka Ndosi ekhuza umhlola. Kwagcina kuboshwe abangu-13.
Kwaba njalo ngoJulayi 2021 ngesikhathi kucoboshiswa abantu abamnyama ePhoenix. Kwathiwa bagasele ezitolo bezokweba kanti abanye babephuma emsebenzini bengazi lutho. Kukhona abesifazane abadutshulwa bepheka emakhaya abo kuthiwa bazele izigebengu. Namhlanje bayizinkubela kepha umthetho uthini?
Konke lokho kuwubufakazi bokuthi isihlava sokuzijezisela sidlangile eNingizimu Afrika, baningi abaqamba amanga ngenhloso yokuziphindisela kepha lokho akwakhi futhi akulethi uzinzo ezweni.
Umlayezo uthi akugunyaziwe ukuzijezisela umuntu omsola ngokwephula umthetho kusemqoka ukuthi ubize amaphoyisa. Baningi abakhononda ngokuthi bayawabiza amaphoyisa kepha asuke engabonwa nangokhalo.