INCWADI: Positively me
UMBHALI: Nozibele Mayaba noSue Nyathi
ABASHICILELI: Jonathan Ball Publishers
KUSHABALALA amathemba kowesifazane ngemva kokuzwa imiphumela yokuhlolwa kwegazi lakhe.
Encwadini ethi Positively me, uNozibele Mayaba, ulandisa ngezigameko ezenzeke empilweni yakhe esizwa nguSue Nyathi. Koma amathe uma uNozibele etshelwa ngumhlengikazi ukuthi unegciwane lesandulela ngculazi.
UNozibele uloba kanje ekhasini 149: "Unegciwane lesandulela ngculazi," kusho umhlengikazi engihlebela sengathi ufuna ngehlise umoya.
“Uthini? Isandulele-ngculazi?" ngimbuze ngishaqekile kusho uNozibele.
"Kepha ngisalale nomuntu oyedwa!" ngamphendula ngokuvutheka ngokushesha ngoba ngibona kufanele ukuthi ngimchazele ukuthi ngiziphethe kahle ngakwezocansi, ”Ngangizitshela ukuthi kubalulekile ukuthu umhlengikazi akwazi lokho.“
UNozibele uthi konke kwenzeka eneminyaka ewu-22, futhi esanda kuqala ukusebenza. Wadinwa kufanele uNozibele ngoba walahlekelwa wubuntombi bakhe ngokulala nesoka lokuqala uSbu kanti liyamfihlela ukuthi line-HIV.
Uthi wadinwa wagana unwabu futhi wafikelwa yizinyembezi uma ezwa imiphumela yokuhlolwa kwegazi lakhe. Kwathi uma ethinta uSbu, wavele wakwakwaza.
Kwasiza ukuthi baye kudokotela uDkt Sishi, owagcizelela ukuthi uNozibele unegciwane kepha uSbu wenqaba ukuhlolwa igazi. Ngokusho kwakhe kukaNozibele, uSbu wayevele azi ukuthi uneHIV kepha wamfihlela. Ngaphambi kokuthi baye ocansini bobabili bazihlola kepha ngokwehlukana. UNozibele wamthumelela uSbu imiphumela yakhe kepha uSbu wakhohlwa ukuthumela eyakhe kuNozibele.
Kwakungelula ukuthi uNozibele akwamukela ngoba ukhule aziwa njengentombazane eziphethe kahle ekholwayo, eyisibonelo esihle kwezinye izingane futhi ezalwa nguMama womthandazo.
UNozibele usezakhele udumo ngokuba nesibindi sokudalula esidlangalaleni ukuthi uphila neHIV. Unohlelo lwakhe oluthi YesIHaveHIV, olusakazwa kwiYou Tube. Kanti uyatholakala nasesiteshini sethelevishini iHoney, kwi173.
Kwaphela iminyakana ezama ukubhekana nesimo sempilo sakhe. Kwathi ngemuva kweminyaka embalwa ngo-2016, wabonana nensizwa uSkhumbuzo, yamthanda enjalo. Bashadile futhi babusiswe ngomfana uLumingonaphakade. Ingqikithi yencwadi ithi ukuba neHIV akusho ukuthi sekuphelile ngempilo yakho.