INCWADI: Darlings of Durban
UMBHALI: Shafinaaz Hassim
ABASHICILELI: Kwela Books
UMHLAZIYI: Mpume Nzimande
KUSA ngokunye kuNatasha ngemva kokushada. Kuyamcacela ukuthi ubengakakulungeli ukugana kanti umshado wakhe ubufana nebhizinisi. UNatasha yintokazi ephila nabangani bayo ngokuzikhininda ngeWhatsApp, ebizwa ngokuthi yiDarlings of Durban.
Bonke bangocevuzile, bezikhininda zonke ezemishado, ezezimali, ezemfashini ngisho namasiko ngoba baxube izinhlanga.
UNatasha onenkampani edayisa iziqholo nezinye izinto zabesifazane zokuziphaqula, ubethandana noSizwe ozalwa yinkosi kepha elungabaza uthando lwabo. Inkinga kuxubene ubendle kwezamasiko nenqubo yempilo emndenini yabo.
Ugogo kaNatasha ungumPedi kanti unina ungumZulu oshade neNdiya. Ngokolunye uhlangothi, abazali bakaSizwe Khumalo, bangamaZulu.
Gwiqiqi, uNatasha uhlangana noFahim, usomabhizinisi ongaswele ngalutho. Uvele adideke uNatasha ngoba kuyacaca ukuthi uFahim “umshaya ding-dong, ngaphakathi”. Yilapho uNatasha exhumana noSophia, Farhana, noRaiza ngeWhatsApp ecela izeluleko zabo ngoba bashadile.
Uza ngamawala uFahim futhi ufuna bashade ngokushesha kepha usayinisa uNatasha inkontileka yomshado enemibandela ethize. Kuyashuba ngemva komshado. UFahim usetetemuka emazweni aphesheya usekhohliwe nguNatasha.
Ngakolunye uhlangothi, uSophia onezingane ezintathu futhi ongasebenzi, uphila kamnandi futhi nguyena onomnyeni oqotho. Umnyeni kaFarhana unenkinga yokugembula yikho okwenza ukuthi baboleke imali njalo ngenxa yezikweletu. Bagcina behlukanisa noRaiza nomnyeni wakhe oxegelwa wuziphu.