MHLELI: Kuqinisiwe uma kuthiwa utshani obulele buvuswa wumlilo. UMnuz Chris Pappas wathi uma ethatha yonke into ayifice kuMasipala waseMngeni, wavula izikhala zemisebenzi wavulela nezitha zakhe.
Umuntu umqasha kahle ngemfundo anayo, izitha zakho ziyazi ukuthi uqasha umuntu wethu. Yingakho sebenesiqiniseko sokuthi imali iphumile. Ingoba bayazi ukuthi babekeni laphaya. Kungenzeka le mali ukuthi vele isiyenze izidingo zabo zomkhankaso wezepolitiki.
Mhlawumbe vele imali yakuloya masipala iphethwe yilunga labo, kulula ukuyikhipha. Noma kungenzeka kuphenywe kutholakale umuntu onecala axoshwe, bazobuye bamfake kwenye indawo ayolimaza omunye umasipala.
Ungabezwa becaphuna emavesini uma bekhuluma, akukho kukholwa la kudlalwa ngathi. Yizigebengu zokuqala nezokugcina. Bancamela ukuthi intuthuko ingatholakali kunokuba babona intuthuko iza nezimbangi zabo.
Vuka Papas bazokuqeda!
Okhathazekile
EMNGENI