MHLELI: Ngicela ukukhala ngebesimbiza ngomengameli wethu thina mabhinca okuwuNgizwe Mchunu odayise ngathi kwi- ANC ngokuthi athi asivotele le nhlangano ekubeni eyibona ukuthi igcwalise abokufika kuleli. EPhalamende kugcwele izaguga nathi esineminyaka engu-36 indaba yethu ayikhulunywa sibhuquza emakhaya asisebenzi , konke lokho uNgizwe usevele wakukhohlwa nje kalula wasebenzisa amandla anawo ukusidayisa singamabhinca.
Besivalelwe endlini sibhuqabhuqwa yindlala uRamaphosa ehlala esimema ukuba simlalele uma ethula inkulumo yakhe esizweni. Konke lokho usekukhohlwe kalula uNgizwe. Babechitha utshwala bethu besibopha sishada besijova singafuni besimbela amathuna siphila kodwa uNgizwe namhlanje usethi asivotele labo bantu.
Mina angisophinde ngimbize ngomengameli wethu. Mabhinca kimi usewumdayisi wamabhinca. Ngokwami ngibona ukuthi bekumele athi mabhinca ngicela nivote kahle angaphumeli obala ngeqembu nokwenza ngisole ukuthi kukhona abamnike khona ukuze athengise ngathi. Iqiniso laziwa uyena ukuthi yini lena abamenzele yona wase ethengisa ngathi ngalolu hlobo. Yini abasazosenzela yona labo gogo nomkhulu abasePhalamende?
Thanda MnikaziwempuphuChonco
EMPANGENI