NGIYIXHWELE lezemidlalo. Impela ngiba nokuqaleka okungelapheki uma ngigeja imidlalo emqoka, ikakhulu ezingeni lomhlaba.
Akulona ibhola likanobhutshuzwayo kuphela engililandelayo, kodwa neminye imidlalo iningi layo engikhule ngingayazi nokuthi isho ukuthini. Ngalesi sizathu-ke uma kusondela imidlalo yama-Olympics, ukuba kuya ngami, ngabe ngihlaba ikhefu nasemsebenzini ukuze ngibe nesikhathi sonke sokuzinkinka ‘ngishaye esentwala’ ngayo.
Phela kuma-Olympics ngithola indidiyela yengxubevange yemidlalo, okukhona ngisho lo obizwa ngama-bowls engikhule nginenkolelo yokuthi umdlalo wokuqhuba usuku komesisi nobasi asebengongubo ziy'eweni kanti cha nakuwo umgingqo wezimbokodwe ezimnyama ungaba umpetha womhlaba. Isimanga!
Ngijabula nginjalo ngale ntundabebhekene yomcimbi wezemidlalo eyenzeka njalo emva kweminyaka emine, kubuye kube nevuso elithanda ukuba yisilungulela nxashana sengibona iqembu lakithi elisimele kuma-Olympics. Sekuyimvama ukuthi kuthi gqwa gqwa lapha nalaphaya ukwenza okusinika izimendlela kuma-Olympics. Selekelelwa ababhukudayo, kube nethenjana nakubasubathi besivinini esifushane, nakweminye imithonseyana yemidlalo.
Uma futhi nginakisisa ukuthi kwenziwa yini siqhubekele phambili, siphinde sishone emuva mawala, komunye sigide ndawonye yonke le minyaka, kuyangifikela ukuthi sengathi akukho ukufingqa imikhono kutshalwe imali ethalenteni lezwe ukuze abadlali bathuthuke bancintisane ezingeni lomhlaba.
Angikho-ke kulowo mgxeko ngoba vele thina bakuleli sibukhali ekukhombaneni ngeminwe nxa kukhona esingakuthandi.
Nginombono weminyaka, abangazi kudala sebake bayizwa le ndaba ongaze ube novalo lokuthi ingakumilisa izimpondo ze-Ankole uma uyizekelwa emini. Akuve sekuyisikhathi kodwa sokuthi sihlehle nyovane sibe nemidlalo yalapha e-Afrika engancikile kule eyenziwa kuma-Olympics? Ngivula inkundla nje, ningakhuzi ibhadi...
Angisho nokho ukuthi asihoshe imfe emidlalweni ye-IOC. Ngithi uma kungenzeka izishoshovu ezilwela ukuzigqaja ngobu-Afrika aziqale zeseke ukwenziwa kocwaningo ngemidlalo ekhona ezwenikazi lethu enganikiwe ithuba "osiyazi" baseNtshonalanga abashaya ufayifi ngokuthi kwenzekani kuma-Olympics?
Ngingenza isibonelo nje ngokuthi lapha kwelikaMthaniya sinawo umdlalo wokungcweka ngezinduku, abanewethu bakwaXhosa "babetha iintonga". Enhla le kwelakwaVenda kunohlobo lwamaguduveyisi olubizwa nge"musangwe". Kunomagenda, ushumpu, izinhlobonhlobo zokusina, ingqathu, ngingabala ngithini. Kukhona neminye imidlalo engasenziwa ngenxa yokugquguzeleka kakhulu kwale eyafika nabagolombi bezwe lethu.
Kubhekwe ngesineke nakwamanye amazwe ase-Afrika yonkana bese kukhethwa imidlalo yasezwenikazi kuphela, kuqhudelwanwe ngayo ize ikhule yande umhlaba wonke.
Siqinelwa amakoloni ngokuthi imidlalo emsuka yawo iseNtshonalanga yiyona okuqhudelwana ngayo emhlabeni. Nathi ake size neyethu, bayamukele bayifunde njengoba benza ukugcina bemukela imidlalo enezingxabo e-Asia njengomkhalambazo nje osuka eJapan kodwa osekuqhudelwana ngawo kule midlalo.
Yebo, kuliqiniso ukuthi abadlali abamnyama bangene kwezwakala kuma-Olympics kodwa esikhathini esiningi bagcina beyothatha ubuzwe baseNtshonalanga ukuze bajoveke yile midlalo, kokunye bazinze khona yize besamele i-Afrika njengendlela yokuqinisekisa ukuthi umqhudelwano oshubile nokuthuthuka bakuthola njalo.
Imidlalo yasemanzini abakithi abanamlando wokuba mandla kuyo ngoba amanzi akuyona yinto okudlalelwa kuyo kwelengabadi futhi lokhu kusegazini lethu. Uyabona nje lapha kithi kwaZulu ukugijima kuyenziwa kodwa cishe akuwona umdlalo osemizweni. Isizathu esicwaningiwe salokhu angisazi, mhlawumbe yikho ukuthi ukusubatha akuyona into ekhuthalelekile emizimbeni yethu. Uma ethuka owakwethu uqala ngokugoloza afune ukwazi ukuthi "yini leyo". Nokunyathela kwabakwethu kuba nokuziqhenya kokuzinweba ngoba ingebhe ayikho emqaleni kithi.
Ngiyafunisela. Angiyeke, le ndima yomlayezo wami ingaze ibe namabhange kanti inhloso enkulu bekungukuthi ngithi i-Afrika ayidinge kukhangezwa uhlobo lwemidlalo efisa ukuba ibe kuma-Olympics. Asikuthuthukise nalokhu kwethu yikhona abe-IOC beyogcina bephoqwa yisasasa lemidlalo yethu ke zibaqonele nezingane zethu. Izwekazi lethu namanyuvesi alo bazokhipha ulwazi ngale midlalo nabaqeqeshi bayo bayololonga umhlaba wonke.
Hhawu, safa ukuqinelwa ngemikhuba yabafuduki sengathi asikaze sibe nokwethu.