UMBHALI: Kristin Hannah
ABASHICILELI: MacMillan
UMHLAZIYI: Mpume Nzimande
UPHATHEKA kabi uFrankie, uma benza umcimbi wokuvalelisa umnewabo oyojoyina umbutho wamasosha ase-USA, ayohlasela eVietnam.
UFrankie nomfowabo bakhulele eCarlifonia, emndenini oqhakambisa inkolo nobuzwe. Kushintsha isimo ezweni ngo-1965, kuphoqeleke ukuthi izinsizwa zimele izwe ziyogasela eVietnam.
Yize uFrankie, eyisitshudeni esifundela ubuhlengikazi akanabo abangani abaningi futhi uthembele kumfowabo. Kuthi uma esehambile umfowabo, uFrankie ajoyine abahlengikazi abasiza empini ngoba efuna ukuba neqhaza kwezempi yize engowesifazane.
Encwadini ethi The women, umlobi uKristin Hannah, uxoxa ngomlando nempilo ngesikhathi kunempi eVietnam, lapho i-USA yacoboshisa inqwaba yabantu. Kepha okwaphawuleka wukuthi amasosha ayejutshwe yi-USA, abuya egula ngokomqondo futhi ehlukumezekile empini. Ingqikithi yencwadi igxile kwabesifazane ababamba iqhaza ngesikhathi kunempi.
Ungabheka ezinye izincwadi kwi-https:exclusivebooks.co.za