INCWADI: The Revolting Truth.. Working Environment is a Place You’d Love to Hate
UMBHALI: Bongi Malishe
ABASHICILELI: New Voices Publishing
KUKHONA abantu ababikelwayo uma bevuka, behlela ukuya emsebenzini. Umuntu afikelwe wukwesaba nezinyembezi ngenxa yokuthi uyazi ukuthi akumnandi emsebenzini.
UBongi Malishe, umbhali wencwadi ethi The Revolting Truth, Working Environment is a Place You’d Love to Hate, uxwayisa abantu abangamabhoklolo abahlukumeza abanye emsebenzini.
Ugxeka amabhoklolo, izinhlebi, amaphixiphixi, izincelebane, abanomona, nabanezinhliziyo ezimbi abaxova ukuthula phakathi kwabanye.
OkaMalishe uthi emsebenzini yindawo okumele kube nokuthula futhi kuboniswane kahle ngenhlonipho ngaphandle kokuthi abantu baxabane. Kujwayelekile ukuthi abantu bagule bahlaselwe ukhwantalala ngenxa yokuhlukumezeka emsebenzini.
UBongi uwuhlaba awuhlikize umkhuba owenziwa ngabesifazane abasezikhundleni, ubabiza ngoQueen Bee.
Ekhasini 122 ubhala kanje: “Okubuhlungu kakhulu yilapho bengabanikezi abanye abantu besifazane amathuba okuveza amakhono abo. Kunalokho bayabavimbela ngoba bafuna ukuthi kube yibona abagqamayo bese begcogcoma emakhanda abanye.”
Cha, uyihlaba esikhonkosini uBongi ngoba kuhlale kukhalwa ngabesifazane kuthiwa ababaseki abanye baze bagcine sebebathuka ngoba besaba ukuthi banamakhono angcono kunabo yize besezikhundleni.
Muva nje, ohlelweni Uthando Nes’thembu, uMaYeni ubexoxela udokotela oweluleka ngezengqondo nomphefumulo, mayelana nokungaphatheki kahle kwakhe emsebenzini. Ubekhala ethi ubephathwa kabi ngendlela ehlukile kunabanye kepha sekungcono ngemva kokushintsha uphiko alusebenzelayo.
UBongi uphakamisa amasu angasetshenziswa ukuze kuliwe nesihlava sokuhlukunyezwa kwabantu emsebenzini. Ingqikithi yencwadi isemqoka futhi ibeka amaphuzu aphusile nawusizo ngesihlava esenzeka emsebenzini.
Uma ufuna incwadi ungaxhumana noBongi Malishe ku 0768121888 noma [email protected]