SALWA kwaze kwaba sekupheleni iSilo uZwelithini kaBhekuzulu, silwela umhlaba kaZulu olawulwa yiNgonyama Trust.
Umhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust kade wawuzulelwa ngamanqe kepha uMdlokombane ewulwela, ewuvikela.
Umbiko ngokuphuthunyiswa kwezinguquko zezwe (acceleration of transformation) owethulwa ngowake waba ngumengameli kuleli, uMnuz Kgalema Motlanthe, ngemuva kokujutshwa yiPhalamende ngo-2017, wasusa umsindo njengoba wawuthi kumele ihlakazwe iNgonyama Trust.
Ngo-2018, yilapho kwacaca khona ukuthi uMdlokombane namanye amakhosi bayalwa nalokhu futhi kabazimisele ukuthi uhlaka lweNgonyama Trust nokusebenza kwayo kuhlakazwe.
Kuvulwa isiShayamthetho saKwaZulu-Natal, ngo-2018, sasibhodla umlilo iSilo uZwelithini ngombiko kaMotlanthe, saze sathi sizowulwela ngayo yonke indlela umhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust.
Saze sanxusa abantu besizwe samaZulu ukuba banikele ngoR5 umuntu ngamunye, ukuqoqa imali yezindleko zokulwa nohulumeni ekuhlakazeni Ingonyama Trust.
Namanje umhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust usazulelwa ngamanqe njengoba sekuqhamuka imibiko ethi ikomiti eliqondisa ubugwegwe le-ANC, i-Integrity Commission, lifuna i-ANC isebenzise amandla ayo kuhulumeni ukulandela izincomo zombiko kaMotlanthe, eqhulwini okungukuhlakazwa kweNgonyama Trust.
Ingcabha manje isiseSilweni esisanda kubekwa uMisuzulu kaZwelithini ukuba siqhubeke nempi kayise futhi sifeze izifiso zakhe zokulwela umhlaba.