INCWADI: Love and fury
UMBHALI : Margie Orford
ABASHICILELI: Jonathan Ball Publishers
KUSA ngokunye kumbhali uma ebona ushintsho kumnyeni wakhe ekubeni ubezitshela ukuthi konke kuhamba kahle. Akalona ivukana kwezokubhala nokulwela amalungelo abantu uMargie Orford, uselobe izincwadi eziningi okubalwa uchungechunge olubizwa ngeClare Hart futhi uneqhaza kwezemfundo nasezinkampanini zokushicilela.
Encwadini ethi Love and fury, uMargie ugonyuluka ngempilo yakhe uqobo. Kusukela efunda enyuvesi, ehlangana nomyeni wakhe u-Aidan, ukusebenza emazweni ahlukene okubalwa eNamibia, USA, naseNingizimu Afrika, ngisho nedivosi.
Uchaza umzuzu lpho azifundela kwezakhe ukuthi liphelile ilangabi lothando kumyeni wakhe kepha wazitshela ukuthi yinto yesikhashana.
"Kwathi uma sengivalelisa ezinganeni zami nakumyeni wami. Ngangiphikelele emtapweni wolwazi ngixhakathise izincwadi ngaphansi kwezingalo zami. Kwahlangana amehlo ami no-Aidan, ngambona ukuthi akasenayo intshisekelo yokuba nami umyeni wami. Wavele wangithi klabe ngamehlo! Wabuye wabheka ezinganeni zethu ezazihlelzi embhedeni, waqhubeka wafundela uGrace noJamie incwadi," kubhala uMargie ekhasini 123.
Lokhu kwenzeka ngoMashi 2001, ngesikhathi beseLondon, lapho uMargie wayeyoqedela izifundo zeziqu zePhD.
Okuhlalukayo encwadini ethi Love and fury, yindlela uMargie asebenzisa ngayo izindawo ezehlukene ukuchaza ngesimo senhlalo yakhe ngaleso sikhathi.
Wazalelwa eLondon, kepha usehlale ezindaweni ezehlukene okubalwa iNambia, lapho akhulela khona ngemva kokuthi abazali bakhe benqume ukuzinza khona.