UMBHALI: Gregrory Maqoma
ABASHICILELI:Jacana Media
INGQALABUTHO kwezomdanso eNingizimu Afrika, ilandisa ngenyathuko yayo ngenhloso yokugqugquzela injenjane. Awangatshazwa amagalelo kaGregory Vuyani Maqoma, kwezomdanso selokhu aqala ngeminyaka yawo-1980. Weluleka abantu abasha ukuthi bangawashayi indiva amaphupho abo futhi basebenza ngokuzikhandla ukuze bawafeze.
Uyachaza ukuthi wazibona esemncane ukuthi uhlukile futhi wayekuthanda ukudansa ngisho enza noma yini imisebenzi yasekhaya. Wajoyina futhi waqeqeshwa yiMoving into Dance kusukela ngo-1990, wagcina esengomunye wabaqondisi bayo ngo-2002. Kuningi akuchazayo ngenhloso yokukhuthaza abantu abasha ukuthi bangazithambisi uma benamaphupho futhi bazimisele ngokuzikhandla.
Incwadi ilotshwe ngezilimi ezahlukene.