INCWADI: The First Dominican Sisters in Natal (1922–39): At the Crossroads of Race and Gender
UMBHALI: Philippe Denis
ABASHICILELI: UKZN Press
UJULILE umlando wabesifazane abayizindela. Abadela konke okwasemhlabeni, bazibophezele kuNkulunkulu. INkosi ithele umusa! Incwadi ilandisa ngenyathuko nokubunjwa kwezindela ezimnyama ngemva kokuhlukaniswa kwazo nezimhlophe. Kusobala phela ukuthi kwakusabusa ondlebezikhanya ilanga.
Ngo-1939, kunezindela zabamnyama ezaphoqeleka ukuthi zishiye ibandla iNewcastle Congregation of the Dominican Sisters ngenxa yemithetho yobandlululo, zajoyina iMontebello Congregation. Kwakungaqali ukuthi kubunjwe iqembu lezindela ezimnyama, i-Oakford Congregation elasungulwa ngo-1922.
Umbhali uPhilippe Denis, ulandisa ngeqhaza lazo, uchaza ukusuka nokuhlala kokuqembuka kwezindela nokuzimisela kwazo emsebenzini wazo. Ingqikithi yencwadi igxile ekuzibophezeleni kwezindela yize zazibandlululwa ngabantu ababezishaya isifuba ngezwi likaNkulunkulu. Umlobi ukuneka obala ukuphathwa kabi kwabesifazane ngaphansi kwenkolo yamaRoma aKhatholika. Kunelinye iqembu lezindela elibizwa ngokuthi Umsimbini elalizinze eningizimu yaKwaZulu-Natal, elajoyina ngo-1927 ngaphansi kweNewcastle Congregation.
Encwadini i-The First Black Dominican Sisters in Natal (1922-39): at the Crossroads of Race and Gender, ezokwethulwa ngokusemthethweni ngePhasika yiNyuvesi iKwaZulu-Natal, kuhlaluka obala ukuthi abaphethe babengabakhohlisi. Kusobala ukuthi esikhathini esiningi inkolo yobuKrestu, yayisetshenziselwa ukulutha nokubandlulula yize kukhona ababekholwa ngokwezibopho zabo.