NGESIKHATHI kubhekwe okhethweni lwango-2019, kwaqopheka umlando ngesibalo esiphezulu seziteleka zezidingongqangi ezweni.
Kwaba nemibhikisho ebalelwa ku-237 kuzwelonke ngo-2018 kuphela. Abanye babenombono wokuthi mncane u-237 ngoba bekholwa wukuthi ingaphezulu kwalesi sibalo imiphakathi eyayibhikishela izidingo.
Kwathi kufika ukhetho olwalungoMeyi kwase kunenkolelo yokuthi isibalo sabe sesiphindeke kabili.
Nakulokhu njengoba kubhekwe okhethweni miningi imiphakathi evala imigwaqo ikhala ngezidingo ezifundazweni ezehlukene. Esifundazweni iMpumalanga kushube isimo kuthangi ngesikhathi amalungu omphakathi evale umgwaqo osetshenziswa nangabavakashela eKuger National Park. NaKwaNongoma kubikwe ngokuvalwa ngomgwaqo ngoMsombuluko.
Emasontweni edlule bekushubile oThongathi, Phoenix, Verulam nakwezinye izindawo, kukhalwa ngokuntuleka kwamanzi. Namanje isimo sishubile KwaXimba okuyindawo engaphansi kukaMasipala weTheku. Kuqale ngeledlule kuvalwa imigwaqo. Nakhona kukhalwa ngamanzi okuvela ukuthi kwezinye izingxenye sekuneminyaka ecela kweyisishiyagalolunye engaphumi kompompi. Kwezinye kuthiwa kunezinyanga ezintathu bengawatholi. Baphila ngalethwa amaloli.
Izintuba eziphumayo KwaXimba kaziziningi. Ukuvalwa kwazo ngamatshe, izihlahla namathayi avuthayo kusho ukuthi akungenwa futhi akuphunywa kalula.
Kwenzeka lokhu nje, kusanda kuthuthukiswa ngamafemu ehlukene iCato Ridge esondelene noXimba. Inqwaba yabantu basebenza kula mafemu kodwa ngenxa yesiteleka kunzima ukufinyelela emisebenzini. Abanye kule ndawo basebenza eHammarsdale, Pinetown naseMgungundlovu. Abaningi baduve emakhaya.
Kungenzeka ukuthi ngokuvalwa kwemigwaqo umyalezo abazama ukuwuthumela uyafika kwabasemagunyeni, kepha ngabantu bendawo abahlukumezeka kakhulu. Omunye wendawo ubhale enkundleni yezokuxhumana ngokuhlukumezeka kowesifazane ozithwele okudingeke ahambe ibanga elide ngezinyawo ngenxa yokuvalwa komgwaqo.
Omunye uveze ukuthi kudingeke abaleke ekhaya ayolala ehholo lomphakathi eCamperdown ngoba bekudingeka avukele emsebenzini ngoMsombuluko.
Enye insizwa ibalise ngokuthi isikhathele ukungayi emsebenzini - iyaphoqeka ukufuna indawo yokuhlala esedolobheni. Ibalule nokuthi izothutha nezingane zayo iyozibhekela izikole edolobheni - okusho ukushintsha kwempilo.
Enye intokazi ibibalisa ngokuthi amafemu aseCato Ridge kawasafuni ukuqasha abantu baKwaXimba ngoba babuye bahluluke wukuya emsebenzini ngenxa yeziteleka.
Nothisha abafundisa KwaXimba namaphethelo abakwazi ukuya emsebenzini. Nabafundi kukhona abavalelekayo. Ubuholi bomphakathi beveze izinsolo zokuthi amanzi avalwe ngamabobu.
Sekunokwehlukana phakathi emphakathini. Abanye bathi ibambe ngakho, ayivalwe imigwaqo. Bathi bakhathele ukuhamba amabanga amade bethutha amanzi. Omunye uthe ubhekene nobunzima bokuthi athuthe amanzi yize ekhulelwe.
Ziningi ezinye izindawo ezibhekene nenkinga efanayo ezweni. Ngisho iKhomishini yamaLungelo aBantu isanda kukhipha imibiko inqumela omasipala ugwayi katiki ukuthi bahlinzeke abantu ngamanzi kepha kunhlanga zimuka nomoya. Iculo elivamile ngelengqalasizinda endala. Okuxakayo wukuthi kade yabonakala indaba yengqalasizinda egugayo kepha bekulokhu kuzindelwa njengoba kwenzeka esifanayo nase-Eskom.
Angikholwa wukuthi abaphethe bazimisele ngokuqhatha nokuxova umphakathi waKwaXimba njengoba sekunoqhekeko ngenxa yesiteleka.
Yize bonke abantu beseseka isiteleka kepha ukuvalwa kwemigwaqo kuyabahlukumeza abanye futhi kunyathela ilungelo lokuhamba ngokukhululeka ezweni.
Kuzo zonke izinkinga ezibikwayo ekuhanjisweni kwezidingo kubantu, akusali ukuthi ziwumphumela wenkohlakalo. Ngaphezu kwalokho, kuvela ukungalingani kwabantu ezweni.
Abaphusha iziteleka bayazi ukuthi kulula ukuba balalelwe. Kwezinye izindawo sibonile kugijima ongqongqoshe beze beba bafishane ngenkinga yamanzi. Lokhu kuhumusheka ngokuthi wonke umuntu onale nkinga akaqinise embhikishweni. Lokhu kuyinselelo ngoba kuqubula ukungezwani nokunyathelwa kwamalungelo.
Lesi yisimo okufanele abaholi basigweme ngayo yonke indlela. Sesike sabona kugcina kubulawana nxa kunemibhikisho. Njengoba kusolwa nokuthi into eyenzeka KwaXimba ngeyamabomu, kungakuhle abaholi basheshe basondele babe nezigcawu zokunekela umphakathi ngokwenzekayo. Ukukhuluma kukodwa ngeke kusasiza - akuhambisane nomnyakazo wokulungisa inkinga yamanzi. Akugwenywe utavatava lingakabi nezimpande ezijulile.