UMBHALI: Kim Ballantine
UMSHICILELI: Kim Ballantine
KUMVULE amehlo ukugula futhi kwamfundisa ngobunzima obuthwalwa ngabantu abakhubazekile. Encwadini ethi Hot Tea and Apricots, umbhali ugxile empilweni yakhe lapho elandisa ngokushintsha kwezinto engalindele ngemva kokuqeda iminyaka ewu-40, azalwa.
Ukugula isikhathi eside aze ashelwe yizwi kumfundisile ngobunzima abahlangabezana nabo abantu abakhubazekile. UKim Ballantine uloba ngezinselelo zokuphathwa yisifo i-spasmodic dysphonia. I-spasmodic dysphonia yisifo esithinta imithambo yephimbo nokukhuluma komuntu lapho kuthikamezeka imiyalezo esuka engqondweni ingaxhumani nemithambo ngendlela efanele.
UKim uthi wayengakwazi ukukhuluma kepha enza imisindo engaqondakali iminyaka embalwa. Uthi wafunda ukuthembela kwabanye abantu ngezinto ayekwazi ukuzenzela zona njengokuxhubha, ukuzigqokisa nokunye.
Kwabanzima ukubonisana nokuxoxa nezingane zakhe ezintathu, wazama okusemandleni umyeni wakhe ongudokotela kepha kwanhlanga zimuka nomoya.
Okwababuhlungu kakhulu kuyena wukuthi isifo sasingajwayelekile futhi nongoti babehluleka ukuchaza ukuthi sidalwa yini, kunzima nokuthola amakhambi okusilapha. Ngokuhamba kwesikhathi, kwatholakala ukuthi uhlaselwa yisifo somdlavuza futhi lalingekho ithemba lokuthi uyophinde akhulume.
UKim utusa ukwesekwa wumndeni nokuthembela kubangani bakhe.
Ukugula kwamfundisa ukuthi abakhubazekile babhekene nezinselelo ezinjani.