INCWADI: Soul of the nation
UMBHALI: Oyama Mabandla
ABASHICILELI:Tafelberg
BANINGI abakhexa imilomo uma behlaziya isimo sezombusazwe waseNingizimu Afrika. Abanye bathi "lafa elihle kakhulu".
Lokhu kungenxa yesimo sombuso wezwe esingathembisi futhi kubukeka sengathi kukwamhlambi uzalusile.
Kunezingqalabutho ezikuhlaba zikuhlikize ukubusa kwe-African National Congress (ANC).
Zisola inhlangano ebusayo ngokuthi ilahlekelwe yinqubo nezimiso zakudala ze-ANC eneminyaka ewu-112, yasungulwa.
Phakathi kwezingqalabutho ezishaya amakhala kubalwa no-Oyama Mabandla, owayeyisosha lokuqina loMkhonto weSizwe, ngesikhathi usewuphiko lwezempi lwe-ANC.
Kuzomele sikhumbule ukuthi abaholi bezepolitki bayalingeka njenghawo wonke umuntu, okubi wukuthi balingeka ngemali yabakhokhi bentela.
Ngesinye isikhathi baze bazikhohlise ngokuthi "balilwela izwe ngakho kufanele badle". Ngubani ongazange alilwele izwe?
Ngabe amasosha ayelwela umzabalazo wenkulueko yabamnyama ayekwenza lokho ngenhloso yokukhulula uquqaba lwabantu olwalucindezelwe nguhulumeni noma kungenxa yeqholo lokuthi ngelinye ilanga bayozitamuzela emalini yabakhokhi bentela?
U-Oyama unesipiliyoni kwezomzabalazo wenkululeko yabamnyama, kwezamabhizinisi nakwezobunhloli. Ulandisa ngezigameko ezahlukene njengokusungulwa kweCosatu ngo-1985.
"Ngemva kwezinsuku eziwu-19 kusungulwe iCosatu, ithimba lababulali ababeholwa nguKhomanda waseVlakplaas, u-Eugene de Kock lagadla enkanjini yethu, labulala amaqabane awu-10," kuloba uMabandla ekhasini 69.
U-Oyama ukuhlaba akuhlikize ukwengulwa kwesilonda esadalwa yiKhomishini yamaQiniso (Truth and Reconciliation Commission).
UMabandla uthi namanje sisabhibha isilonda ngoba kasilashwanga ngendlela efanele.
"ITRC yehluleka ukushushisa bonke ababephehla udweshu lobandlululo, okubalwa nosomabhizinisi okuyiwona ayevuna ngokugqilaza nokuholela abamnyama amasenti...
“Ukube abamabhizinisi baphoqelelwa ukuthi bakhokhe ngenxa yeqhaza labo embusweni wobandlululo futhi baphoqwe ukuthi bakhokhe isinxephezelo (Apartheid Redress Fund) lokho kunxeshezelwa kwakuzosiza ababeyizisulu zobandlululo," kubhala u-Oyama ekhasini 144.
Kusemqoka ukuthola ulwazi lwabantu abehlukene ngokubusa kwabholi bezepolitiki. Ngeke uzisole ngokuthenga incwadi ka-Oyama.
INCWADI: How to stop a train
ABABHALI: Stephanie Ebert noKathryn Pillay
ABASHICILELI: Pan Macmillan Children's Books
UYAZIWA umlando wengqalabutho eyayilwela ukuthula uMohandas Gandhi. Phakathi kwezigigaba ezake zamehlela, kubalwa nokuhlukunyezwa kwakhe ngesikhathi egibele isitimela.
Ukukhishwa kukaGandhi esitimeleni yiphoyisa ngenxa yenqubo kahulumeni wengcindezelo kwamenza wazibophezela ekutheni alwe ngokuthula.
UGandhi utuswa ngokufaka igxalaba emzabalazweni wokulwela ukuthula nenhlalakahle yabantu baseNdiya, abafika lapha eNingizimi Afrika, bezotshala umoba kepha baphendulwa izigqila.
Yize uGandhi, ehlonishwa ngamagalelo akhe kwezomzabalazo kepha bakhona abashaya amakhala ngaye. Kuyaziwa bakwethu ukuthi kalikho isoka elingenasici.
Injongo yabalobi wukufundisa izingane ngezimiso nezinkolelo zikaGandhi, owaziwa ngelikaMahatma.
UStephanie Ebert noKathryn Pillay, abalobi bencwadi basebenzisa isipilyoni nolwazi lwabo ngesigameko esenzeka esiteshini sesitimela esiseMgungundlovu.
Ngokusho kwabo inhloso yokubhala incwadi wukufundisa igenge encane ngokuthi igweme ukusebenzisa indlakadla kepha ilwe ngokuthula.
Ukuphoxeka nokuhlukunyezwa kukaMahatma kuyingxenye yomlando waseNingizimu Afrika, futhi kufanele kufundiswe izingane ngoba libunjwa liseva.
INCWADI: The wealth money can’t buy
UMBHALI: Robin Sharma
ABASHICILELI: Rider Books
UBUYE ngezinkani umlobi oyintandokazi yabaningi uRobin Sharma, ngencwadi ethi The wealth money can't buy.
USharma waziwa ngezeluleko ezinobuhlakani namasu aphusile okwakha umcebo nokugwema izinto ezingakulahlekisela ngemali.
Waduma ngesikhathi eshicilela incwadi ethi The monk who sold his Ferrari.
Kunzima ukucacisela omunye umuntu ngokubaluleka kokuthi ube nencwadi yakho ezokucathulisa kwezezimali, kwezamabhizinisi ngisho nakwezomthetho. Kepha, kusemqoka ukuthi ube nencwadi.
USharma weluleka ngamasu angakusiza ekutheni ufeze izinjongo zakho kwezezimali nezomnotho.
Umlobi ukuchaza kabanzi ukuthi ukonotha komuntu kungaphezulu kwezinto eziwubukhazikhazi.
Uthi umcebo womuntu ngeke wagqanyiswa ngokuthi imali nezinto kuyinsada nokuvakashela ezindaweni zomntakabani.
Okubalulekile wukuthi ugxile ekutheni weneme kangakanani empilweni yakhe.