INCWADI: I am the vision
UMBHALI: Mpho Dagada
ABASHICILELI: Staging Post
INCWADI ibhalwe nguMpho Dagada, wayenza yaba umhlamhlandlela wezinjongo namaphupho akhe okubumba iNingizimu afrika.
Umlobi umagange ngokuthi agqugquzela futhi ahlomise abantu abasha ngamasu okuzimela, okulwela ubulungiswa nokusebenzisa amakhono.
Ngokusho kukaMpho, ukuqokwa nguMengameli wezwe uCyril Ramaphosa ukuthi abeyingxenye yeKhomishini kamengameli, emluleka ngezentuthuko yeFourth Industrial Revolution, kumnikeze umdladla wokubumba inhlangano engayenzi inzuzo, i-Arise South Africa.
Uhlelo lwezinjongo zakhe lugxile ekuthuthukiseni umnotho nokuqinisekisa ukuthi abantu abasha abasali ngaphandle. UMpho ubuye kuleli ngo-2019 ngemva kokuthi hulukuqu eNew York, e-USA, lapho athola intshisekelo yokwenza izinhlelo zesimanje nezobuchwepheshe.
Ekhasini 4, uMpho ubhala kanje: "Isisekelo nomyombo womnotho womhlaba sihlaganisa ukuzinikela nesibindi sabantu basemazweni ase-Afrika, okubalwa iZimbabwe, iNingizimu Afrika, neBotswana. Bahlanganisa umphakathi ophucuzekile futhi onekhethelo eliphezulu owawubizwa ngeMapungubwe, ngemikhulu nyaka yawo-12."
Unkabi uzishaya isifuba ngokwenza isigidi semali eneminyaka ewu-21, wabhala incwadi ethi Mr Bitcoin: how I became a millionaire at 21.
Yingakho ethi uyayazi into ayenzayo futhi umasu aphusile okutakula abantu abasha baseNingizimu Afrika, ngenhloso yokuthi bakwazi ukuzimela futhi babengosomabhizinisi.
Inkunzi isematholeni bakwethu, kusemqoka ukuthi sibeseke abantu abasha abazimisele ngokwakha ikusasa eliqhakazile hleze namaphara angashabalala.
Akazile ukuzodlala uMpho futhi uzibona engaba ngumengameli wezwe!
Ngeminye imininingwane ungabheka kwi-www.arisesa.org and https://www.mphodagada.co.za