Umbhali: Lindiwe Sangweni-Siddo
Abashicileli: Macmillan
AGQAME obala amagalelo engqalabutho kwezemfundo, ezomzabalazo nezenhlalakahle yabamnyama. Cishe baningi abangakhuluma bakhihlize amagwebu ngeqhaza likaSolwazi uStan Sangweni empilweni yabo.
Incwadi ilotshwe yindodakazi yakhe uLindiwe Sangwen-Siddo ngenhloso yokulondoloza umlando kayise nokufundisa kabanzi ngamagalelo kababa uSangweni emphakathini waseNingizimu Afrika.
ULindiwe ubalula iqhaza likayise ekulweleni umhlaba okwathi uma uhulumeni wamaBhunu ephasisa umthetho wokudla umhlaba wabamnyama, usolwazi wahlanganyela nabanye babumba i-the Syndicate of twenyty two native, bathenga umhlaba. Namanje lisekhona ikhaya elinamaxhama eZuka, eSuspence, eNewcastle. Kuningi nokunye okwenziwa yile ngqalabutho yaseMzansi.
Ukuzinikela kukasolwazi kwabonakala ngokuthi asungule isikhwama somfundaze esasisiza izingane ezihlwempu kwathi uma enzelwa umcimbi wokugubha usuku lokuqeda iminyaka ewu-80, wacela izicukuthwane ukuthi zingamuphi lutho kepha zinikele esikhwameni somfundaze wezingane zabamnyama.