INCWADI: The woman in me
UMBHALI: Britney Spears
ABASHICILELI: Gallery Book UK
KUSUKELA eqala ukucula eneminyaka ewu-15, uBritney Spears, usebengundabuzekwayo iminyaka eminingi ngenxa yezizathu ezahlukene.
Encwadini ethi The woman in me ebhalwe nguBritney Spears, umculi wase-USA, ugonyuluka ngempilo yakhe. Kusukela ekhula eLouisiana, engena emculweni, eqoma, ehlukunyezwa ngumndeni wakhe, eboshwa, eshada, ngisho esedivosa nokunye.
Udweba isithombe sowesifazane othwale kanzima ngesikhathi uyise ethola igunya lokulawula imali nempilo yakhe iminyaka eminingi.
Uchaza ngokuhlaselwa wukhwantalala, ukuphuma engena ezikhungweni ezelapha abacwile otshwaleni nasezidakamizweni. Udalula ukuphelelwa yithemba ngesikhathi ephucwa ilungelo lokukhulisa abafana bakhe ababili. Ukugunda kwakhe imbunculu akusalanga ngaphandle encwadini.
Uyenaba ngobuhlungu nokuhlambalazeka ngemva kokwehlukana nowayeyisoka lakhe uJustin Timberlake, umculi wase-USA.
"Ngemva kokwehlukana kwethu, uJustin walala nabesifazane abayisithupha noma abayisikhombisa- ngezwa kanjalo," kubhala uBritney ekhasini 93.
UBritney uthi wafunda kwezakhe ukuthi kumele aqhubeke nempilo ngoba sebehlukene noJustin. Langa lithize omunye uphrojusa wamkhombisa enye insizwa kanti nguColin Farrell, umlingisi wase-USA.
"Ngashaya imoto ngaya lapho okwakuqosha khona ifilimu iS.W.A.T...... Ngaqonda lapho kuqoshwa khona kanti ngizobizwa ngumqondisi wefilimu wathi, "hlala esihlalweni sami". Kwaqhamuka uColin Farrell, wathi kimina "ngabe kukhona amathiphu onganginikeza wona," encokola.
Umbhali uthi bajola into ewumlilo wamaphepha cishe amasonto amabili noColin.
Weneka impilo yomndeni wakhe lapho unina wayeshayisana noyise owayecwila otshwaleni. Ugxeka abazali abaphoqa izingane ukuthi zisheshe zingene kwezokungcebeleka ngethemba lokuthi zizokwenza imali bese zondla imindeni.
UBritney uthi wayezazi ukuthi unekhono lokucula kepha wayengazitsheli ukuthi wonke umthwalo wakubo nezinkinga kuzoba semahlombe akhe, ekubeni waqala ukucula eneminyaka ewu-15. Ukhononda ngoyise athi wamhlakaniphela, wacela inkantolo ukuba imgunyze ukuthi alwule imali yakhe.futhi umsola ngokuthi wayexhaphaza amandla akhe ngokulawula ukuthi ayisebenzise kanjani imali.
“Kunezikhathi lapho ngangimdinga ubaba wami ukuthi angisize kepha wayengabonwa nangokhalo. Kepha kwathi uma sekufanele abangumlawuli wamafa ami, wagxuma wahlala. Wayeuthele imali yami nje kuphela!” kugonyuluka uBritney ekhasini 167.
Uthi konke kwashintsha ngo-2022 ngesikhathi ethola ummeli owamlwela enkantolo noyise, owayegweve nemali yakhe futhi emlawula njengengane.
"Sengiqalile ukuthokozela umcebo wami njengowesifazane omdala okokuqala empilweni yami......Ngemuva kokuthola inkululeko yami, ngabona kuyinkomba yokuthi ngikhiphe unyawo ngishaywe wumoya. Ngivakashele lapho ngithanda khona noma yinini .
“Ngavakashela izindawo engizithandayo, ngijabuleka inkululeko yami," kubhala uBritney, ekhasini 269.
Zikhona ezinye izincwadi ongazithenga esitolo i-Exclusive Books, https://exclusivebooks.co.za/