NGIKE ngaba nesidingo esigcine singifake eposini ezinsukwini. Bengidinga isigxivizo, ngakhumbula ukuthi iposi lalikwenza lokhu futhi liseduzane kunaseshantshi.
Cha, nkosi yami ngiphatheke kahle. Udadewethu obengale kofefe ubenomoya omuhle, ubingelele futhi wabuza kamnandi ukuthi angangisiza ngani. Nami ngigcine sengincokola ngithi angasihleki isimo sikamazisi wami osusefeke waba manikinikana ngenxa yokuhanjelwa yisikhathi kwazise ngawuphatha kakhulu ngesandla ezinsukwini zokufesa.
Asiyeke-ke lokho. Ngesikhathi ngima phambi kwaseposini ngibe nomuzwa othe heshe ngokuthi engabe lona leli posi kalikavalwa yini njengoba kwamaningi sekulenga okhiye. Ingithi hasha nje ingebhe ngoba ngithe nxa ngithi qhamu ngakhangwa utshani osebuthanda ukukhula ngasezitebhisini zesakhiwo seposi. Ngidle imihlathi ngithi angiyozidelisa ukuthi ngabe sekunjalo yini. Cha, ngibone umnyango uvulekile. Nxa ngilunguza ngelamela ukuthi kunejaha nje elilodwa ebelikhulumela phezulu sengathi lilande okusaphasela okusobala ukuthi belimagange ngalo.
Kuthe ukungikhulula lokhu ngoba ngesikhathi ngitibila ezitebhisini ingebhe ithe ukungizuza. Uyawubona umuzwa wokucinga isihlobo ekade nadukelana naso, uthi uyosibheka ufike indawo isithanda ukuba yinxiwa yize bukhona ubufakazi bokuthi kukhona umuntu osahlala lapha.
Obondeni ngaphakathi kuleli posi, kunesithombe sesingqazu sentokazi emamatheka ngothotho lwamazinyo, namehlo ayo esithombeni asagqamile. Yisikhangiso sezinto eziningi iposi elingakwenzela zona - noma asithi elalizenza. Ngaphandle kobupentshisi balo sukasambe osesithombeni, izindonga sezigqwalile, kunezintambo zikagesi esezashiywa zilenga ungathi isakhiwo sesiteshi sephulumende esingasasebenzi.
Siyalwazi sonke-ke usizini lweposi, okuyinkampani kahulumeni esifana nento efile. Namabhanoyi akwa-SAA kwaba yileso, nakwa-Eskom kupheshwa kupheshiwe amanzi engena endlini, yiso leso nase-Transnet lapho ibhandishi libekwa phezu kwelinye kungahlanzwa nesilonda. Angikho-ke ezinkampanini zikahulumeni kuphela ngoba inkinga ekuphawuleni ngazo kuba khona abazizwa behlaseleka epolitikini.
Lo muzwa othi heshe wengebhe usunakho ukunginaka. Ngake ngathi ngithatha umzila engangiwazi ukuthi ungangigwemisa isiminyaminya sezimoto enkabeni yeTheku, ngagcina sengizisola ukuthi bengenza ubukleva bani.
Phakathi esijwini seTheku, ngazithela esikhonyaneni sabantwana bakwethu laba esesababiza ngamaphara. Lo mgwaqo kawukuvumeli ukuthi ushayele uphume ngale kuwo ngoba baxhokovile kuwo. Bamatasa, angazi nani kodwa, ungafunga ukuthi izinhlwabusi kade kunomvimbi.
Ngithi nxa ngithi qalaqala, kucace ukuthi la mabhilidi engiphakathi kwawo sekusemanxiweni. Babodwa abangiqhwebayo bathi angidlule. Kuphi khona? Izigadla zabo zipakile kuwo lo mzilana, namadixa ojosaka baklelile. Cha, ngincenge ngize ngithole omunye umgwaqana wokujika, hhayi kuvele kucace ukuthi uma kungaba khona othi mbambeni senginganqobeka. Ezinye kulezi zitezi uyabona ukuthi komiswe izigcozi emawindini, namakhethini akhona amatwayitwayi amabhayi akhathele.
Ngagcina ngiphumele kwengconywana indawo okuyisakhiwo sesonto osengathi kakusakhonzwa kulo, ukhula lusho ukwemboza umnyango.
Akuyona inkinga yasesilungwini kuphela le. Ezindaweni eziningi ezisemakhaya lapho kwakunezitolo khona sekumi izindonga eziyisikhumbuzo sokuthi kwake kwaba nokuhweba la. Namasimu asalala, kwavumbuka amahlathi angangeneki. Muva nje la mahholo ngamahholo nezikhungo ezazakhiwa uMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi asesele nje, izinkomo nezimbuzi zisizakala ngawo nxa lina zisithele.
Kade ngibabaza nje ingqalasizinda eyayisezingeni elicokeme yezinkundla zemiphakathi eThekwini njenge-Mandene Park eMayville, iCongella ngaseKig Edward, iPortuguese Club eMbilo namanye. Amanxiwa konke.
Kwaba nomsindo omkhulu kabi uMasipala weTheku ethatha indawo engale kwaseKings Park ebanga nababene-Flea Market lapho nezitebele zamahhashi kuthiwa kunohlelo lwesikhungokazi sokuthuthukisa amakhono entsha ebholeni. Sekuyinxiwa lelo.
Ngicoshe nje izibonelo ezingatheni kodwa inhloso enkulu ukunicacisela ngalolu valo oluhlale lungithi heshe. Kungani izwe liphenduka amanxiwa abantu bekhona? Hleze izinhliziyo zethu sezingamanxiwa kwazona, yingakho singakuxwayi ukumila kwembuya sithi sihleli.
Sithi sinobuholi kodwa sekwaba yizindonga, konembeza kusele amanxiwa. Isiga kwesethu isikhathi.