NINA besiDlukula Dlwedlwe inkungu ikhasa phansi sikhalakathela ezikhisini, inyathuko ebheke ekhaya siyayintungela isidukele. Siyalubona udumo lokukhulisa nokunakekela owesifazane ezinhlakeni ezahlukene - kusukela kuhulumeni kuya ezinkampanini ezizimele - kuthiwe yiza nengane yentombazane etohweni kuze kuyofika eMkhosini woMhlanga woHlanga lwesizwe sikaPhunga.
Siphinde sibone imicimbi efana nomemulo, umhlonyane njalo njalo. Yonke le mibhidlango yenzelwa ukwakha owesifazane wakusasa nokuqinisekisa ilungelo lakhe.
Yonke le migqigqo mihle kodwa kuyefana nokhuluphalisa inkomo bese uyifaka emphandwini wezingonyama uma ingane yomfana ingafundiswanga ngeqhaza okumele ilibambe ekhaya nasesizweni ngoba ikhula ibe yisidunyelwakhanda noma ibe yisilimalangqondo esingakhuzeki.
Umfana uyakhula abe ngumkhapheyana okhaphela izinkomo. Abe nezingqwele aqhathwe, abe yibhobhodlwana, abe yibhungu embathe isigaba sobushinga aze ayoba yinsizwa ashaye imigangela, ashele abange izintombi nezinye izinsizwa kube ncane indawo.
Konke lokhu kuyamakha afunde ukuba wumuntu phakathi kwabanye.
Intombi iba namaqhikiza, umfana uba nezingqwele.
Manje uma singakucopheleli lokhu nangokwempilo yanamuhla, sisengozini.
Usuke usufile uma ungenabo abantu obahloniphayo nobesabayo uma bebeka izwi noma ilaka labo empilweni yakho. Ingane iyathwansulwa ngoswazi kodwa umuntu osemdala ushaywa ngamazwi ngoba kusuke kwethenjelwe kunembeza. Lowo nembeza wakhiwa kusukela ebuncaneni.
Manje sibhekene nenkila beyitheka ngenxa yendlela okukhuliswa ngayo izingane, isisekelo asikho. Siqhelelene nempande yemvelaphi.
Singephile, singephefumule, singethele isihlahla esigencwe impande yaso.
Zonke lezi zinselelo ezibhekene nendlu ensundu ngeke zanqotshwa yisilungu.
Sekuyikhathi sokuthi imfene nemfene ithwale umandawane wayo, amagundane ngemigodi bakwethu lishonile, masiyibone inhlansi esiholela eziko lasekhaya.
Uma kukhuliswa intombazana yenzelwa umhlonyana, nomfana aqathiswe ngoba endulo kwakunjalo, umfana wayegonqa kuthiwe uyaqatha.
Bese sinxusa obaba abaqotho ukuba bacabe indlela, bafundise futhi basiphe umkhombandlela ngenhloso yokwakha isisekelo esingunaphakade ezinganeni zethu ngoba kunjena nje kungenxa yamadoda angafuni ukukhula abe ngwevu, abe yinqolobane yesizwe, babe wumtapo wolwazi nodwani lokubambelela lapho semuka nomfula.
Yonke le mizamo yasendulo yokukhulisa ingane isengavuselelwa ngokubheka impilo yamanje, inqobo nje uma sisakhumbula ukuthi abasendulela bayihlela kanjani impilo, nathi sibheke ezethu izivavube bese sakha amasiko amasha azoqhubeza ubuchopho bomuntu onsundu.